SHEILA MHLONGO
Ziqhubeka kahle kakhulu izinhlelo zokuvuselela kabusha kwedolobha laseThekwini. Lokhu kuza emuva kokuthi kwethulwe imisebenzi eminingi ehlukene okuhlanganisa ukuqashwa kwethimba lonogada abasezingeni eliphezulu kanye nalabo abazokwazi ukusabela ezimweni eziphuthumayo. (rapid response squads)
Kulo loluhlelo kuqashwe abaqaphi bezitaladi zedolobha (street ambassadors) abazokwethulwa maduze ngenhloso yokuthi baqaphe inhlanzeko ezindaweni ezithizi, baphinde babe abaxhumanisi nomphakathi lokhu abazokwenza ngokuthi babike kwi- local command centre, ngezenzo ezisolisayo abazibona zingahambi kahle.
Loluhlelo luyimizamo yokuthatha izinyathelo zokwenza ngcono isimo sempilo kubahlali, osomabhizinisi, kanye nabavakashi luphinde luthuthukise umnotho wendawo okuzokwenzeka ngokuthi uvuleke amathuba abalelwa ku-100 emisebenzi.
”Le-project izoshintsha isimo sedolobha laseThekwini ngokwenza ngcono ezokuphepha kanye nokuphathwa kahle indawo, ngokwenza lokhu asigcini nje ngokubhekela ukuphepha nenhlanzeko kodwa siphinde senze ngcono isisekelo sokuthi sibe nedolobha elinozinzo ukuze abahlali baziqhenye ngalo. Sinesiqiniseko sokuthi lemizamo izokwenza omkhulu umehluko ekuvuselelweni kweTheku.” Kusho uMphathi Dolobha uMnu. Sipho Mbhele.
Lemizamo iyahambisana nomgomo omkhulu weDolobha wokwenza ngcono isimo sokukhuliswa komnotho kanye nokwenza ngcono ezokuphepha.
Ukuvuleka kwamathuba omsebenzi kubantu ababalelwa ku-100 kungenye yezindlela zokutshala imali kubasebenzi, ukuthuthukiswa kwemiphakathi kanye nomnotho onozinzo. UMasipala weTheku uzibophezele nokusebenzisana nababambiqhaza ukuze uqiniseke ukuthi le-project yenzeka ngempumelelo, okubhekeke ukuthi ibe isibonelo sokuvuselela izindawo zasedolobheni kwisifunda sonke.


