IDurban Metro Police Academy izobeka iTheku ezingeni eliphezulu eliqeqesha    ezokugcinwa komthetho

SHEILA MHLONGO

UMasipala waseThekwini ufisa ukucacisa ulwazi mayelana  neSikhungo Sokuqeqeshwa Kwamaphoyisa aseThekwini esihlongozwayo, esamukelwe uMkhandlu  ngomhlaka -17 Ephreli 2025.

Isitatimende esikhishelwe abezindaba ngaphansi koPhiko lwezokuXhumana kuMasipala weTheku siveza ukuthi sifisa ukucacisa mayelana nolwazi olulandelayo:

I-Road Traffic Management Corporation (RTMC), okuyigunya likazwelonke elibhekele ukuqeqeshwa kwamaphoyisa omgwaqo, likhiphe umyalelo wokuthi zonke iziqu zamaphoyisa omgwaqo kufanele zenyuselwe kuNQF Level 6. Lokhu kusho ukuthi abafundi abazoba amaphoyisa kumele baphothule uhlelo lokuqeqeshwa oluphelele lweminyaka emithathu, okuwuguquko olukhulu  uma kuqhathaniswa nemodeli yamanje yonyaka owodwa.

Ngakho-ke, abafundi kuzodingeka bahlale esikoleni iminyaka emithathu ukuze bahlangabezane nezinga lemfundo  elihambisana nomyalelo kazwelonke.

 Ukuze kuhlangatshezwane nalezi zidingo kanye  nokwandisa amandla ethu angaphakathi, sincome ukuthuthukiswa kwesikhungo sokuqeqesha amaphoyisa esisezingeni eliphezulu, esihlanganisiwe ngokuphelele, iMetro Police Training College, esamukelwe uMkhandlu. Lesi sikhungo ngeke senze uqeqesho lweminyaka emithathu ye-NQF Level 6, kuphela  kodwa sizophinde sihlanganise ukuqeqeshwa okuyisipesheli (Specialized training)  okwamanje okuqhubeka ngaphandle kukhokha izindlelo ezinkulu .

Lesi sikhungo sokuqeqesha samaphoyisa sizofaka phakathi:

  • Ukuqeqeshwa kwabaphathi bezinja (okwamanje kuqhutshelwa ngaphandle).
  • Ukuqeqeshwa kwezinhlelo zobuchwepheshe bokubhekwa kwamaphoyisa.
  • Ukuqeqeshwa kweHorse Unit (okwamanje kuqhutshelwa ngaphandle).
  • Ukuqeqeshwa kokushayela izimoto ezisebenza ngesivinini esiphezulu (okwamanje kunesinye kuphela esisePretoria). Njengoba sithenge izimoto ezisebenza kahle kakhulu nyakenye, kudingeka siqeqeshe amaphoyisa ethu ekushayeleni okuthuthukisiwe.
  • Inkundla yokudubula nokuqeqeshwa kwezibhamu (okwamanje kuqhutshelwa ngaphandle).

Sikholelwa ukuthi konke ukuqeqeshwa okukhethekile kufanele kube yingxenye yendawo eyakhelwe le njongo ezimele ngokuphelele uMasipala unyusa amandla  ngokwenza ukuqeqeshwa kwamaphoyisa kube ngaphakathi.

Ngaphezu kokuhlangabezana nezidingo zeDurban Metro Police lesi sikhungo sihlose  ukuba isikhungo sokuqeqesha esizezingeni likazwelonke kanye nesesifunda. Sihlose ukuvulela nabanye omasipala eNingizimu Afrika ithuba  lokuqeqeshwa okusezingeni eliphezulu okuzoqeqeshelwa kuso amaphoyisa omgwaqo kanye nama unit ayisipesheli.

Amazwe angomakhelwane esifundeni se-SADC nawo azobambisana nomasipala wethu futhi athumele amaphoyisa awo ukuze aqeqeshwe kulesi sikhungo.

Ngokwenza lokhu sihlose ukubeka iDurban Metro Police College njengendawo ebhekela phambili ukuqeqesha amaphoyisa esifundeni.

UMasipala uzokhipha isimemo sokuthola  inkampani  ezofaka isiphakamiso sesicelo (Request for Proposal – RFP) ukuze kutholwe umhlinzeki ozimele ozokwazi ukuxhasa akhe futhi aphathe lesi sikhungo. Lo mhlinzeki uzolawula isikhungo isikhathi okuyovunyelwana ngaso emva kwalokho ukubuyiselwa kobunikazi nokuphathwa kuzodluliselwa eDurban Metro Police Service.

IDurban Metro Police njengamanje iyona yodwa eyisikhungo sokuqeqesha eNingizimu Afrika ekhokhela abafundi umholo ophelele ka-R17,000 ngenyanga ngesikhathi beqhubeka nokuqeqeshwa. Le modeli ibisebenza kuphela ngenxa yokuthi bekuthatha unyaka owodwa kuphela ukuqeqeshwa .

Ngokwandiswa kweminyaka yokuqeqeshwa kube yiminyaka emithathu, akusekho ingeniso ezosisiza ukukhokhela iholo eligcwele kubafundi abangakabi sesimisweni sokusebenza.Abafundi bazothola imali yesibonelelo ka-R7,000 ngenyanga ngesikhathi beqhubeka nokuqeqeshwa.

U-R10,000 osele ngomfundi ngamunye ngenyanga uzokhokhelwa kumhlinzeki wesikhungo ukuze kuhlanganiswe izindleko zokusebenza, okubalwa izindawo zokulala, ukudla, ukuhlanzeka, ezokuphepha, nokuphathwa kwesikhungo.

Lokhu kusivumela ukuthi sivikele utshalomali lwethu, sixhase lesi sikhungo ngendlela enesibopho, sigcine uhlelo  oluhambisana namazinga kazwelonke, ngenkathi siqinisekisa ukuthi iTheku lihlala liyisibonelo ekuqeqesheni amaphoyisa e-Afrika.

Uma zonke izinhlelo sezifike emaphethelweni, ukuphathwa kwesikhungo kuyobuyela kuMkhandlu ukuze kwethulwe uhlelo lokusebenza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *