SHEILA MHLONGO
IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba wamukele umnikelo wamathange amanzi obuvela kwisikhondlakhondla senkampani yezokuXhumana, iVodacom. Lenkampani ithe inikela ngalamthange endaweni esebenzela kuyo njengendlela yokubuyisela emuva emphakathini ngenhloso yokuthi kusizakale abantu endaweni abavame ukuzithola besenkingeni yokweswela amanzi.
UMeya ukhansela Cyril Xaba uzwakalise amazwi okubonga umnikelo wamathangi amanzi kwinkampani iVodacom, wancoma ngokuba usizo emphakathini wabe esekhuthaza nezinye izinkampani ukuthi nazo zisike iphethini kwiVodacom.
“Siyabonga kakhulu ngalomnikelo ovela kwaVodacom, kuyakhombisa ukuthi uma sisebenza ngokubambisana singakwazi ukunqoba izinkinga eziningi ezivimba intuthuko emphakathini. Siyoqhubeka nokuxhumana neVodacom ukuze sicobelelane ngamasu okuthi singenza kanjani ukuthi senze ngcono umsebenzi wokulethwa kwezidingo kubantu abakhele idolobha iTheku.” kusho uXaba.

