SHEILA MHLONGO
Kwabelwe uMasipala weTheku isamba sika-R10 billion ukuze kwakhiwe kabusha ingqalasizinda yamanzi, ugesi, kanye nokulawulwa kukadoti.
Lokhu kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana mayelana nesibonelelo esingu-R3.33 billion esabelwe iTheku ezinyangeni ezintathu ezizayo ukuze kuthuthukiswe izinsiza ezidayiswayo.
Lesi sibonelelo sisezingeni lokusebenza futhi kuhloswe ngaso ukuthuthukisa amanzi nezindlu zangasese, ugesi kanye nokulawulwa kukadoti ukuze lezi zinsiza zikwazi ukuzimela ngokwazo.
Izinguquko kulezi zinsiza ezidayiswayo zizogxila ekuqinisekiseni ukuthi amanzi nogesi kuyathuthuka eminyakeni kusukela ku-2025/26.
Ngokuqondene noMnyango Wezamanzi Nezindlu Zangasese eThekwini (EWS), uMasipala usamukele isu lokuguqula uhlelo lwamanzi nezindlu zangasese (TAS) futhi wenza uhlelo lwebhizinisi notshalomali kanye nebhukwana lezinguquko eziseqophelweni lokuphatha nokuqondisa.
Leli bhukwana ligxile ezisekelweni eziyisithupha eziyinhloko ezizokwakha kabusha i-EWS ibe uPhiko lwebhizinisi elizimele njengoba kugcizelelwe nguNgqongqoshe uGodongwana esethulweni sesabelomali.
Lezi zisekelo eziyisithupha zihlanganisa:
- Ukwenza kube nendlela eyodwa elandelwayo
- Ukuthola amakhono okuphatha, ubuchwepheshe kanye nokushintsha ubuholi
- Ukuthuthukisa uhlelo lokuphatha
- Ukwakha uhlaka lwezimali oluzimele lwe-EWS
- Ukwandisa izinga lokusebenzisa ibhajethi nokwenza kube lula ukuthola uxhaso lwangasese nolwamazwe omhlaba
- Ukwengeza amandla okuphatha ngokusebenzisa inkontileka yokusebenza ngokusekelwe ekusebenzeni
Njengengxenye yokusetshenziswa kwalelisu uMasipala uhlose ukukhulisa utshalomali ezinhlelweni ezibalulekile ezizokwenza kube lula ukuguqula isimo sezimali nokuzinza kwezinsiza zamanzi nezindlu zangasese ukuze zihlangabezane nezidingo zamakhasimende.
Isu lokuguqula lokhu njengoba lamukelwe nguMkhandlu seliqhubekile futhi sekuphothulwe u-22% wezinhlelo ezihlonziwe.
Njengoba uMasipala ehlela kabusha izindleko zebhajethi, izimali ezingeziwe zizoya ezinhlelweni ze-EWS TAS ezihlose ukunciphisa ukulahleka kwamanzi, ukuthuthukisa izinhlelo zamakhasimende ezifana ne-call centre, ukuphucula izinhlelo zokulinganisa amanzi kanye nokwenza ukusatshalaliswa kwamanzi kube ngcono ngenkathi kuncishiswa ukungasebenzi kahle ezindleleni zonke.
Umasipala ngokusebenzisa ihhovisi leMeya, uzoqhubeka nokuxoxisana nabo bonke ababambiqhaza ukuze kuqinisekiswe ukuthi uhlelo lwe-EWS TAS luyafeza izinhloso ezibekiwe.
Isibonelelo sika-R3.33 billion sizosiza uMasipala ukuthi aqinise izinsiza ezikhona ukuze asheshise izinguquko ezidingekayo futhi aphinde aqinise izinsiza ezidayiswayo ukuze akwazi ukuheha abatshalizimali abadingekayo, okuhambisana namasu amabhizinisi nezokutshala-imali ahlelelwe iminyaka emihlanu ezayo.
UMasipala waseThekwini uyakwamukela ukusatshalaliswa kwezimali okuhleliwe njengoba kumenyezelwe esabelweni semali futhi uzoqinisekisa ukuthi lokhu kuhambisana nesabelomali sedolobha esizovunywa ngoMeyi 2025.

