SHEILA MHLONGO
Kulonyaka njengoba nginama albums kodwa ngifisa umphakathi wazi nge-company yami yokusiza abaculi futhi ngisiza onke ama-genres. Kuyi khampani esiza abaculi esebe recordile sibasiza ukuthi bakwazi ukusabalala emphakathini nakuma-radio stations asezweni lonke lase Ningizimu ,kuma TV siphinde senza i-submission umculo nama video sihlele nama interviews.
Ikhampani yasungulwa ngo-2018 ngiyisungula nabaculi abasezifundazweni ezahlukene. Ngisebenze noMrs Ndlangamandla wase Pongolo oseke wadlalwa kuma TV onke, Mazibuko Colidiza obuya e-Northern Cape,The late Nokhaya Baba Mahelu wase- Eastern Cape, Ntomboxolo Ntosh Qhora nabanye abaningi.
Inkinga esidibana nazo ingakhulukazi eKZN akungeneki kalula kuziteshi zomsakazo zomphakathi, eminye yawo badinga imalilena esingenayo namaciko. Kepha ikhona imisakazo esisebenzisana nayo: Itheku fm, Siyathuthuka fm nabanye siyabonga kakhulu ,Sesikwazile ukungenisa abaculi kuma-dstv channel ahlukene.
Uxhaso siyalucela ukuba izinto eziningi ezifaka ukuxoxisana nokufaka amaciko lawo adinga usizo abanama-albums. Ngiyatholakala kuwhatsap/calls: 061 310 218, Facebook: ZG Khwapuna Kunentlungu naku- email: zgkhwapuna940@gmail.com.

