SHEILA MHLONGO
Kumenywa umphakathi ukuba uphawule ngoHlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP) oluhlongozwayo lonyaka wezimali ka-2025/2026. Thola i-IDP kwi-website ethi: www.durban.gov.za. (Iya engosini ebhalwe ukuthi Government, wehle uze uyofika lapho kubhalwe khona ukuthi Draft IDP 2025/2026.)
Isikhona nenye indlela elula yokuba uzwakalise uvo lwakho ngokusebenzisa iWhatsApp chatbot, iKhuluma Nathi/Let’s Engage.
Iya ku-https://bit.ly/ETHIDPWA lapho uzokwazi ukuthi ufunde khona kabanzi bese uphawula nge-IDP. uMeya weTheku ukhansela Cyril Xaba ubonge amalunga omphakathi aku Wadi 48,49,50, 51, 52 kanye no 110 ngokuzibandakanya kwawo
kwizingxoxo zokubonisana mayelana nohlelo Lwentuthuko Edidiyelwe eHlongozwayo ka- 2025/26, ebezibanjelwe eStonebridge Community Hall.
UMeya uXaba uzwakalise ukuthi kubalulekile ukuthi kuqoqwe iSabelomali esihlongozwayo sihlanganise ukuphawula komphakathi ngaphambi kokuthi uMkhandlu usiphasise,wathi futhi iSabelomali kumele esihlanganise izidingo zabantu.
UMasipala weTheku ukhiphe izimemo esibhekise kubobonke abantu baseThekwini namaphethelo ukuthi bathumele izethulo noma imibono yabo kungakedluli usuku lwanamuhla ngoLwesihlanu mhlaka 9 Meyi 2025, kwi-Email:comments2021@durban.gov.za.

