UMasipala waseThekwini wethula uhlaka lwebhajethi yango-2025/26 emphakathini waseMlazi

SHEILA MHLONGO

Ubuholi obuphezulu  kuMasipala waseThekwini, buholwa  uMeya, ukhansela uCyril Xaba, bethule ngempumelelo Uhlaka Lwebhajekthi kaMasipala ka-2025/2026 ngesikhathi kuqhutshekwa nengqungquthela yomphakathi ebanjwe eKing Zwelithini Stadium eMlazi.

Izakhamizi ezivela kumaWadi-74, 75, 76, 78, 79, 80, 81, 82, 83, 84, 85, 86, 87, 88 kanye no-111 okuhlanganisa uMlazi, iMobeni neLamontville ziqhamuke ngobuningi bazo ukuzohlanganyela nobuholi beDolobha nokunikeza iminikelo ngemali ehlelelwe amaphrojekthi ezindawo zabo.

Uhlaka lwebhajekthi yonyaka wezezimali ka-2025/26 lingu-R71.3 billion, okuhlanganisa u-R7.1 billion wohlelo lwezokwakha (capital budget) no-R64.2 billion wohlelo lokusebenza (operating budget).

UMeya uXaba uthe le bhajethi ibonisa ukuzibophezela okuqhubekayo kukaMasipala ekuthuthukiseni wonke umphakathi ngendlela efaka wonke umuntu, ekulethweni kwezinsiza nasekuvuselelweni kwengqalasizinda.

“UMasipala uzoqhubeka nokuhlanganyela nemiphakathi kuzo zonke izifunda ukuqinisekisa obala, ukubikwa ngezinto ezenziwayo kanye nobuholi obubandakanya izakhamuzi ekuthuthukisweni nasekuqinisekisweni kwebhajethi ka-2025/26,” kusho uXaba.

Izabelo ezibalulekile zamaWadi aseMlazi naseLamontville:

  • Wadi 74: Kunikezelwe u-R28 million wokulungiswa kwama-hostela, ukufakwa kwezinsiza ezisemqoka, ukuthuthukiswa kweLamontville Informal Settlement, ukulungiswa komgwaqo uMpangele kanye nokufakwa kwamahampu ejubane kuMhlongo Road. Lokhu kuzokhuphuka kube u-R43 million ngonyaka wezimali ka-2026/27.
  • Wadi 75: U-R67 million unikezelwe ukulungiswa kwama-hostela aseJacobs naseSJ Smith, ukubuyiselwa kokusebenza kweLandsdown Pump Station kanye nokulungiswa kukaZihlahla Road. Le mali kulindeleke ukuthi ikhuphuke ibe u-R86 million ngo-2026/27.
  • Wadi 76: U-R25 million uzosetshenziswa ekulungiseni iGlebelands Hostel, ukuthuthukisa isigceme u-V Ezimeleni kanye nokwakhiwa kwezindawo zokuhweba eSbusiso Mdakane naseGlebelands Hostel Business Hive.
  • Wadi 78: U-R23 million unikezelwe ekulungisweni kukaRoad 108090, uMpevu Road, noJosia Dlamini Road, kanye nokulungiswa kwezindlu ezihlala abantu eL Section (Egcakini) naseMgaga.
  • Wadi 79: U-R54 million unikezelwe kwizinhlaka zokuhlela izindawo (zonal planning blocksum), amaphrojekthi iF11 noB10 Maputo Isandlwana, kanye ne-Umlazi Hiidij Project. Lokhu kuhlanganisa ukuthuthukiswa kukaRoad 107915.
  • Wadi 84: U-R71 million unikezelwe iVumengazi Rural Housing Project, ukuthuthukiswa kwe-Umlazi CC Hall, kanye nokuthuthukiswa kwamaLibrary aseUmlazi AA nakuBB. Ibhajekthi izophinde ihlanganise ukufakwa kwama-guardrails kuMaqhoboza, Boyi Simelane, King Jama noMkabayi Road.
  • Wadi 111: U-R23 million unikezelwe iVumengazi Rural Housing Project, ephakathi kwamaWadi-72, 84, 100, no-111. Le mali izosetshenziswa futhi ezinhlelweni zokuhlela izindawo (zonal planning blocksum) kule ndawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *