SHEILA MHLONGO
Ebuyela emjahweni wokuncintisana maphakathi no-2025 ngemva kokuzalwa kwengane yakhe yokuqala, umgijimi we-Boxer Athletics Club uKyla Jacobs wamukele ngokulangazela inselele eyodwa ngemva kwenye. Inhloso yakhe elandelayo ukufuna igolide emdlalweni wakhe wokuqala weBoxer Super Run Durban ozokuba mhlaka-12 October 2025. IBoxer Super Run, eyaziwa njenge-South Africa’s most social 5km run, ibambe iqhaza elikhulu kuJacobs, njengoba i-5km ingelinye lamabanga alikhonzile.
“I-Boxer Super Run iyisinyathelo esihle kakhulu sokukhulisa ibanga lokugijima emigwaqweni engu-5km,” kusho uJacobs. “Njengoba manje sekuwumcimbi osemthethweni we-World Road Running kuyamangaza ukuba namathuba endawo okuthuthukisa ithalente lethu nokukhulisa izinga kuleli banga. I-5km ingelinye lamabanga engiwakhonzile ukugijima. Yindlela ephelele yokuthi ngibuyele ezingeni eliphakeme ngemva kokulimala nokukhulelwa. Sengizibekele imigomo ku-World Road Running Championships e-Copenhagen ukuze ngilungiselele lomjaho obalulekile.”
Mayelana nokuthanda ibanga, u-Jacobs uthe,“I-5km iveza abasubathi bebanga elimaphakathi nochwepheshe be-10km abahamba phambili, I-Boxer Super Run idinga ukusubatha, amaqhinga, nokuzimisela,” kusho uSosibo. “Engikuthanda kakhulu ukuthi akugcini nje kuphela ngezicukuthwane noma abagijimi abasezingeni eliphezulu. Yebo, ngigijimela i-Boxer Athletics Club, kodwa ngiphinde ngangenela ukuzijabulisa nozakwethu abasezingeni eliphezulu. Njengoba ngijwayele ukugxila emijahweni ka-10km no-21km, lomjaho uzonginika ithuba elihle lokukhulisa isivinini. Inhloso yami ukugijima phakathi kuka-16:00 no-16:20.”
Indawo yokuqala: Snell Parade, ngaseBlue Lagoon Park, eThekwini , Blue Lagoon Park, eThekwini nkanti ngolwazi oluningi vakashela izinkundla ezilandelayo.
Facebook: Boxer Superstores / Boxer Super Run 5K naku Instagram: @boxer_superstores / @boxer_superun5k.

