SHEILA MHLONGO
Ngenza ibanga leshumi nambili (12) esikoleni idlilanga technical high school, ngineminyaka engu-16. Ukumodela kuyiphupho lami, kungenza ngizizwe ngimuhle futhi ngiziqhenya umzimba wami ingqondo kanye nenhliziyo kuyakulangazelela lokhu ,eyami indlela sekuyisikhashana iqalile ngonyaka odlule okungu nyaka ka-2024 ngaqala ukumodelela ipegeant ekuthiwa umiss nhl ubuciko besintu lapho khona engaba ngumiss nhl ubuciko besintu queen teens ngaba ngowokuqala yize ngangiqala, okwangenza ngigcine ngiphumelele ukuzithemba netshisekelo yami ngokumodela ikhona okwangenza ngaqhubekela phambili.
noma kwakukhona ukuzenyeza kepha isibindi kanye nomthandazo ikhona okwangiqinisa. abazali bami kanye nomndeni wami ibona ababenginika amandla lapho sengiphonsa khona ithawula. ngenza isibopho nesethembiso sokuthi ngizohlezi ngizimisela kukho konke engikwenzayo . ukuzazi nokuzihlonipha into enhle kakhulu amaphupho ami makhulu ngendlela yokuthi ngikwazi ukulekelela abantu abaningi ,kuningi engifisa ukukushintsha emhlabeni nase mphakathini wanga kithi, ayikho into engijabulisayo njengokusiza omunye umuntu.
uma sengimdala ngifisa ukuba udokotela wengqondo ukuze ngizokwazi ukusiza ngiphinde ngilekelele abantu abadala asebekhulile.kanye nawo wonke umuntu .eminyakeni ezayo ngifisa ukufundisa intsha ukuziphatha kanye nokusebenzisa amakhono ayo ekusizeni isizukulwane kanye nomphakathi wonkana nokubaluleka kokuba intombi futhi nokuhlonipha.

