UMasipala waseThekwini uzibophezele ekwakheni izindlu zezisulu zezikhukhula

SHEILA MHLONGO

IMeya yeTheku ukhansela. Cyril Xaba, ithe leli dolobha lizibophezele ukwakhela imindeni ekhahlamezekile ngenxa yezikhukhula zakamuva izindlu.

Ekhuluma emhlanganweni we-Executive Council (Exco), uXaba ubike ukuthi phakathi kuka-19 February no-15 March 2025, izikhukhula ezaphindaphindayo zadlula  nemiphefumulo yabantu abangu-15 futhi zadala umonakalo omkhulu kwingqalasizinda.

UXaba uthe umbiko otholwe e-Joint Operations Centre ukhombisa ukuthi izindlu ezingu-1 452 kanye nabantu abangu-5 939 bathintekile. Izindawo ezihlaselwe kakhulu zihlanganisa i-Inanda, Ntuzuma, KwaMashu, Pinetown, KwaDabeka kanye neLamontville.

“Sisebenzisana noNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli kanye noSihlalo noKhansela Mduduzi Nkosi, sivakashele imindeni ethintekile e-Inanda naseLamontville, kuhlanganise nalabo asebethuthelwe ezindaweni ezifanele imindeni edolobheni. Njengohulumeni ezigabeni ezintathu, sizibophezele ekwakheni izindlu ezihlala unomphela kule mindeni,” kusho uXaba.

“Njengoba imvula iqhubeka, sizobhekana nenselelo yokushoda komhlaba yokuhlalisa izisulu zezikhukhula, uma kubhekwa ukuthi leli dolobha linama-settlement angama-603 angekho emthethweni, kanti ezinye zawo zisezindaweni ezingathinteka izikhukhula. Ngokubambisana, kumele siqinise imikhankaso yokuqwashisa umphakathi ukuze abantu bangahlali ezindaweni ezingezona ezokuhlala, ngoba kuvama nokuba namandla kwezikhukhula, ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu, kuyingozi enkulu ezimpilweni zabantu nasezingqalasizindeni,” kusho uXaba.

Kusukela ngo-2017, leli dolobha belibhekene nezikhukhula eziphindaphindiwe futhi lokhu sekubeke ingcindezi enkulu ohlelweni lwamanzi adonswayo.

“Iziteshi ezinkulu zamanzi kanye nemisebenzi yokuvikela imifula zakhiwe ukumelana nezivunguvungu ezingenzeka  eminyakeni engama-50 noma engama-100. Ezinyangeni ezimbili ezedlule, sibhekane nezimvula ezinamandla ebesingalindele ukuba zivele ngaphakathi kweminyaka engama-20 kuya kwengama-40.” kusho uXaba. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *