ANCYL PEC ibize ingqungquthela yeKomidi Eliphezulu yokuqala yesiFundazwe

THOBILE MBATHA

I-African National Congress Youth League (ANCYL) KwaZuluNatal i-10th Provincial Executive Committee (PEC) ibize ingqungquthela yokuqala yesiFundazwe. Umhlangano weKomidi eliPhezulu kusukela okhethweni lwangoFebhuwari, ngaphansi kwekhwelo lokucacisa ubumbano, ubushoshovu, nokuzinikela okungantengantengi emizabalazweni ebhekene nentsha KwaZulu-Natal. Umhlangano waqinisekisa ukuzinikela okuhlangene ekwakheni ugqozi nophiko lwentsha olunomthelela ozosebenza njengohamba phambili entsheni yonkana isifundazwe. I-PEC yavumelana ngazwi linye ngesidingo sokubeka eqhulwini izinhlelo ezizoba nomthelela omuhle ekuxazululeni izinselelo zenhlalo-mnotho ebhekene nazo intsha yaKwaZulu-Natal.

ITHALA BANK CRISIS I-ANCYL KwaZulu-Natal inqume ukuthathela izinyathelo ezinqala inkinga yokuvalwa kwebhange Ithala, eshiye abantu abaningi abahlomula izibonelelo zikahulumeni, amabhizinisi abamnyama abasafufusa kanye namabhizinisi aphethwe yintsha asebunzimeni. I-IFP ikwenzile kufakazelwe ukuthi abakwazi futhi abanalwazi lokuthi bangayihola kanjani iminyango kahulumeni esikhundleni sokwenza izindlela zokuhlenga abahlomuli beThala sebethathe isinqumo ukuze siqale imashi eThekwini, ku-West Street yezixazululo okuhloswe ukuba zibe khona okuhlinzekwe umnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, iToursim kanye nezeMvelo Ezezindaba (EDTEA) eholwa nguNgqongqoshe we-IFP, uMfu.Musa Zondi ikhathazeke kakhulu ngokuthi umyalelo wokuchithwa kwebhange Ithala usudale abanini bamabhizinisi bahluleka ukukhokhela amaholo abasebenzi futhi aqhubeke nemisebenzi yawo yansuku zonke ngenxa yama-akhawunti amisiwe. Ngokungenelela, i-PEC inqume ukuxoxisana nababambiqhaza abafanelekile okuhlanganisa Uhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali kanye neminyango kaHulumeni kaZwelonke ukuthola isixazululo esinokuthula esizoqinisekisa ukuthi izimpilo zabantu bakithi zivikelekile futhi ukuvikela izimali zosomabhizinisi abancane abamnyama.

UMhlathuze Mal Administration ngokuhambisana nesitatimende sethu sakamuva, i-ANCYL KZN PEC ikhathazeke kakhulu mayelana nenkohlakalo edla lubi eyenzeka kuMasipala waseMhlathuze, ngaphansi kobuholi bukahulumeni we-IFP. Ukuphangwa okuqhubekayo kwezinsiza zomphakathi ifinyelele emazingeni ashaqisayo lapho abaphathi be-IFP behluleka ukuthatha izinyathelo ezinqala phezu kwezigameko ezishaqisayo lapho kudutshulwe kwabulawa abantu ngesikhathi somhlangano womkhandlu. Ubuholi be-IFP esikhundleni salokho ukhethe ukushanela lezi zigameko ucashe ngemuva kokuzenzisa uphenyo ngenkathi untshontsha esikhwameni somphakathi kuqhubeka kunganqamuki. I-ANCYL icele ukuthi kube nophenyo olugcwele nolusobala enkohlakalweni nasekushushisweni kwabo bonke abathintekayo. Akekho ovela kunoma iyiphi inhlangano okufanele acabange ukuthi uvikelekile ekubanjweni bayaphendula ngoba bayingxenye ye-GNU noma ye-GPU.

I-ANCYL ngeke ivumele noma yimuphi umuntu noma inhlangano yezepolitiki ukuthi idicilele phansi isithunzi sezinhlelo zomfelandawonye. Ukuthuthukiswa komnotho: Ngaphezu kwalokho izoxoxisana nababambiqhaza ababalulekile ku Special Economic Zones(ama-SEZ)  ikakhulukazi i-Richards Bay Industrial Development Zone kanye neDube Trade Port, ukuze kuvuleke amathuba ezinhlelo zokuhlomisa intsha. Lawa ma-SEZ anikeza intsha indlela yokuthola amathuba ezomnotho imboni yokuthekelisa kanye nempahla engaphandle, ukuhlomula kwezokumbiwa kanye nomnotho wolwandle futhi izogqugquzela ukuthi amabhizinisi aphethwe yintsha abekwe eqhulwini  imifelandawonye kulezindawo zezomnotho.

Ukunikezwa komphakathi njengengxenye yokuzibophezela kwayo ebunyeni bomphakathi nokufukula umphakathi mhaka 02 March 2025 i-PEC yavakashela imindeni entula eyasuswa ngenxa yezikhukhula eThekwini. Ithimba linikeze isidlo sangeSonto esifudumele nesehle esiphundu izisulu ezibekwe e-Impala Apartments eSouth Beach Durban, eqinisekisa ukuzimisela kwe-ANCYL ekuhluphekeleni abantu abampofu kanye nemiphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *