SHEILA MHLONGO
I-Durban Fashion Fair (DFF) Class of 2025 Mentorship Programme ivulekele izicelo kuze kube umhlaka-20 March 2025. Lolu hlelo oluholwa nguMasipala weTheku, lugxile ekufukuleni abasiki bengqephu abasafufusa ngokubahlomisa ngamathuluzi nolwazi oludingekayo ukuze bathuthuke embonini yezemfashini eqhudelanayo.Ukufaka isicelo abasafufusa badinga ukuhambisa ama-documents alandelayo:• I-bio emfushane noma iphrofayili yebhizinisi (A short bio or business profile).• A motivational letter (Incwadi ekhuthazayo).• A storyboard or images of their latest collection (Ibhodi lezindaba noma izithombe zeqoqo labo lakamuva).• A residential letter from their ward councillor (Incwadi yokuhlala evela ekhanseleni lesigceme sabo).• Proof of qualifications. (Ubufakazi beziqu).Zonke izicelo kumele zilethwe ngo-3pm ngoLwesine, zingu-20 Mashi emaHhovisi Okweseka iBusiness Support, 7th Floor, Embassy Building, 199 Anton Lembede Street, Durban. Ukuthunyelwa sekweqe isikhathi ngeke kwamukelwe.I-DFF Mentorship Programme ihlose ukukhulisa ithalente lakuleli nokusungula iTheku njengendawo ehamba phambili yezemfashini. Ngokunikeza ukuqeqeshwa kanye nokwethula o-Designer abaningi bakwazi ukusungula amabhizinisi anempumelelo kugqugquzele ukukhula komnotho nokudala amathuba emisebenzi esifundeni.UKhansela Thembo Ntuli onguSihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlelwa kweDolobha, ugcizelele umthelela walolu hlelo."I-DFF Mentorship Programme ishintsha umdlalo kwabasunguli abasha. Ngokuhlanganisa ulwazi lwebhizinisi nolwazi lwezobuchwepheshe, sibeka iTheku esikhundleni sokuba ngumholi wezemfashini emhlabeni wonke e-Afrika sibe sigqugquzela ukudalwa kwamathuba emisebenzi embonini yendwangu yasekhaya."I-DFF Mentorship Programme iyingxenye yohlelo lukaMasipala weTheku olubanzi lwe-Fashion Development Programme, oluhlinzeka abasiki bengqephu abasafufusa ukufinyelela emakethe kanye nokuvezwa ngezinhlelo ezifana nombukiso waminyaka yonke we-DFF kanye ne-DFF Emporium, lapho amaqoqo akhonjiswa mahhala.UKhansela Ntuli ugcizelele ukuzibophezela kukaMasipala ekwesekeni abasiki bengqephu kuzo zonke izinyathelo, baze bathole inkululeko nempumelelo.