UMasipala weTheku  uvakashele abakhahlanywezwa umlilo eKennedy Road

Esithombeni: Iphini leMeya kaMasipala weTheku uKhansela uZandile Myeni ngesikhathi bevakashele abasale dengwane ngenxa yomlilo emjondolo yase-Kennedy.

SHEILA MHLONGO

IPhini leMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Zandile Myeni, livakashele imijondolo yaseKennedy Road ukuyobheka umonakalo odalwe yilo mlilo oshiye abantu abangaphezu kuka-150 besale  dengwane. UKhansela Myeni ulethe usizo obeludingeka kakhulu obeluhlanganisa amaphasela okudla, izingubo zokulala nezipontshi zabashonelwe, okumanje bazohlala isikhashana ehholo lomphakathi.

Amathimba alawula izinhlekelele asebenzele  ukulungisa nokubuyisela izinsiza zamanzi nogesi. Evakashele imindeni yabashonile  owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala nengane enezinyanga ezingu-18 ubudala, uKhansela Myeni udlulise amazwi enduduzo wanxusa omakhelwane ukuthi balekelele lapho bengasiza khona, ngomoya woBuntu.

Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi unikele ngeminikelo yokudla, okokugqoka, okokulala, izinto zokwakha nokunye okubalulekile okungaletha induduzo.  Ukhumbuze amalungu omphakathi ukuthi aqaphele angashiyi umlilo ovuthayo namakhandlela enganakiwe ngenxa yengozi abasuke benayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *