SHEILA MHLONGO
UMasipala waseThekwini uxwayisa abanikazi bamabhizinisi mayelana namaqola azenza abahloli bamalayisensi amabhizinisi.
Lamaqola asabisa amabhizinisi ngenhlawulo yokusebenza ngaphandle kwelayisensi futhi baphinde babakhohlise ngokuthi bazobasiza ngokufaka izicelo zamalayisensi ngemali.
UMphathi Wezamalayisensi kuMasipala, u-Qondi Liqwa, uthe sebeqinisekisiwe ngamacala avuliwe,kanti elinye icala elokuqolwa kuka somabhizinsini ngesamba semali engu R14,000
UMasipala uqinisekisa ngokuthi abahloli bawo banezincwadi zabo zokusebenza futhi abakaze bacele inkokhelo ngezingcingo.Sekuvulwe amacala obugebengu kuMetro Police nakwi-SAPS, futhi uphenyo luyaqhubeka.
Ukuze kugweme ukukhwabanisa, amabhizinisi ayelulekwa ukuthi:
- Afake izicelo zamalayisensi emahhovisi asemagatsheni kaMasipala.
- Awenze inkokhelo kuma-akhawunti asemthethweni, hhayi kuma-akhawunti abantu.
- Asebenzise izikhungo zase-Sizakala ukuze akhokhe ngokuphepha.
- Aqinisekise ukuthi ukuxhumana kusemthethweni nge-imeyili kaMasipala ‘@durban.gov.za’ futhi izinombolo ziqale ngo-031 3111.
Umasipala uhlinzeka ngamalayisensi ashibhile, amabhizinisi ezitolo ezincane akhokha u-R287 ngonyaka, kanti amabhizinisi adayisa ukudla akhokha u-R574. Amaleyisensi kufanele avuselelwe minyaka yonke mahhala.
Ulwazi oluthe xaxa lutholakala kuMnyango Wezamalayisensi e-7th Floor, Embassy Building, 199 Anton Lembede Street, 031 311 4535 noma nge-imeyili ku-licensing@durban.gov.za.

