SHEILA MHLONGO
Ngisho nabakhubazekile abasalanga ngaphandle ngesikhathi uMasipala weTheku eqhuba izingxoxo zokubonisana mayelana nohlelo Lwentuthuko Edidiyelwe kanye neSabelomali (IDP/Budget) 2025/6.
Umphakathi wabantu abakhubazekile usukumele phezulu wethamela imbizo yezingxoxo zokubonisana ngoHlelo Lwentuthuko Edidiyelwe ebibanjelwe Olive Convention Centre eThekwini ngeviki eledlule. Lezingxoxo zokubonisana inhloso yazo ukuthi yonke imiphakathi yaseThekwini namaphethelo ithole ithuba elanele lokuthi iphawule ngohlelo lwentuthuko oluhlanganisa neSabelomali sonyaka wezimali ka-2025/26.
UMeya weTheku ukhansela Cyril Xaba uyena owethule iSabelo mali esihlongozwayo sika-R71.3 billion, wancoma nokubaluleka kokubandakanywa kwabantu abakhubazekile ezinhlelweni zoMkhandlu.
Umhlangano ubuthanyelwe Isigungu Esiphezulu seKomidi loMkhandlu weTheku,kanye neziphathi mandla zeminyango ehlukene.
Abantu abakhubazekile bezwakalise ukuncoma uMasipala ngokubanikeza ithuba lokuba ingxenye yokuhlanganyela nobuholi obuphezulu bakwazi ukuveza ukuphawula kwabo mayelana nezinkinga abahlangabezana nazo.

