SHEILA MHLONGO
UMasipala waseThekwini uqoke uMnu. Lihle Phewa njengeMqondisi Jikelele omusha woPhiko lezokuThuthukiswa koMnotho kannye nezokuHlela , kusukela ngomhlaka-01 Meyi 2025.
UPhewa, unolwazi olunzulu lwezokuhlela amadolobha, ukuthuthukiswa komnotho kanye nobuholi kuhulumeni, ubesebenza kulesi sikhundla kusukela maphakathi no-2023. Uzoqhuba isu lokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukudala amathuba emisebenzi, nokulethwa kotshalomali edolobheni okuhambisana nohlelo lwentuthuko oluhlangene.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe, uPhewa uthe ukulungele ukusebenza kanzima ekuguquleni izinhlelo zibe yizenzo. Uke wahola izinhlelo ezibalulekile ezifana nohlelo lweClimate Action Plan, isu leHydrogen Strategy, kanye nokulungisa izakhiwo ezibi.
Uphinde abe neziqu zeMasters ku-Town and Regional Planning, iBachelor of Arts, futhi ubhalisiwe njengoMhleli Ochwepheshe eSouth African Council for Planners. Uhlelo lwakhe luhlanganisa ukusheshisa izimvume zokuhlela, ukuheha izimali ezinkulu, nokudala amathuba emisebenzi amaningi eThekwini.

