UMasipala  weTheku wethule izindlu zangasese ukuthuthukisa abahlali basemijondolo

THOBILE MBATHA

IDolobha leTheku lethule uhlelo olusha lokuhlola ubuchwepheshe bokuThuthukiswa Kwendle okungathuthwanga Non-Sewered Sanitation (i-NSS) mhla zingu-26 Febhuwari e-Pholani Informal Settlement e-La Mercy.
Uhlelo lwe-NSS luhlanganisa izindlu zangasese ezivuselelwe kabusha eziyingxenye yohlu lobuchwepheshe obusha bokuthuthwa kwendle iDolobha eliluzamayo ukuze kuthuthukiswe ukuthuthwa kwendle ezindaweni ezingaphandle koxhaxha lokuthuthwa kwendle.
Lomsebenzi uhlose ukubhekana nezinselelo ezihlukene zamanzi kanye nokuthuthwa kwendle emijondolo.
 
I-NSS futhi iwubuchwepheshe obuhlakaniphile besimo sezulu ngoba iphatha amanzi angcolile akhiqizwa endaweni. lawomanzi angcolile  aphephile agaywa kabusha ukuze akhuculule izindlu zangasese, ngaleyo ndlela kunciphisa isidingo samanzi aphuzwayo ezindlini zangasese ezishaywayo ngaphezu kwalokho lezi zindlu zangasese zingatshalwa ngokushesha ezimeni zezinhlekelele zesimo sezulu njengezikhukhula ukuze zihlinzeke ngezindlu zangasese eziphephile emiphakathini.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa, uSihlalo weKomidi lezinkonzo zoHwebo uKhansela Mdu Nkosi uthe,  lolu hlelo luzosiza ekutheni umphakathi ukwazi ukumelana nemiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu.
 
“Lo msebenzi wokungathuthwa kwendle ubhekana nezinhlekelele esibhekana nazo ezihlale ziphazamisa ingqalasizinda yethu, kanye nenselelo yokushoda kwamanzi okuphuza. Kuhle ukuthi leproject isebenzise amanzi agaywe kabusha ukuwakhipha esikhundleni samanzi ahlanzekile, okudingeka siwasebenzise ngendlela efanele,” esho.
 
Iphrojekthi ye-NSS ihlolwe ezindaweni ezintathu eziseDolobheni, okuhlanganisa i-Ekuthuleni Informal Settlement e-Shallcross kanye nakuMalacca Road e-Reservoir Hills.
 Lomklamo uyingxenye yohlelo lwebhizinisi lokukhucululwa kwendle eNingizimu Afrika, uhlelo oluhlanganyelwe lokusheshisa ubuchwepheshe oluxhaswe uMnyango Wezesayensi Nokusungula Izinto kanye ne-Gates Foundation. Wenziwa yiKhomishana Yocwaningo Lwamanzi ukuze ihlole futhi ithuthukise izixazululo ezintsha zokuhlinzekwa kwezindlu zangasese.
 
Isigaba sokuqala salolu hlelo kuhloswe ngaso ukukhombisa izinhlobo ezintathu zobuchwepheshe bezindlu zangasese ezisungulwe kabusha emijondolo eseThekwini. Lesi sigaba sihlose nokuhlola ukuthi izindlu zangasese zikulungele yini ukuba yizixazululo zenhlanzeko ezindaweni ezingaphandle koxhaxha lwemisele kaMasipala weTheku.
 Ilungu lomphakathi uMnuz Elijah Mthembu lilushayele ihlombe lolu hlelo, lathi kunezakhamizi azihlomule ngokuqashwa kulomsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *