SHEILA MHLONGO
Ngizalelwe e-KZN endaweni yase Howick ngafunda ngakhulela khona ngeminyaka yawo-1989 ngahamba ngaya e-Gauteng ngisemncane kakhulu ngokuyozama impilo emculweni.
Kulonyaka ngifisa ukuthuthuka kakhulu emculweni ikakhulukazi wombhaqanga ngithuthukise nentsha esakhulayo kulomkhakha.
Ukuphusha umsebenzi wami omusha nokujabulisa abalandeli bami. Bengingathanda ukusebenzisana nanoma imuphi umculi kuyoyonke imikhakha ekhona. Empilweni akufanele usheshe wehluleke kodwa zama kuze kulunge. Abalandeli bengalindela umculo omnandi wombhaqanga onesigqi sesimanje. Umculo wami uyatholaka kuzozo zonke izinkundla zomculo ezikhona. Ngiyatholakala ku Facebook, : Bongani Zuma, WhatsApp / Call: 082 745 9462..

