NTOMBIFUTHI BUTHELEZI
Abesifazane Abangabahlali baseMjondolo bahlanganyele ehholo lomphakathi elibizwa nge YMCA enkabeni yedolobha iTheku ukubungaza usuku lomama olugujwa minyaka yonke eNingizimu Africa.
Baphakamise nomubono wokuba baqale amabhizinisi njengoba iningi labo linamakhono ahlukahlukene okubalwa kuwo awokuthunga ukwakha ubuhlalu kanye namanye ukuze kuzokhula nesikhwama esiqondene nabo njengoba bengabesifazane Abahlala eMjondolo.
Unkosikazi uThobekile Ngcobo ube esephakamisa ukuthi kudingeka ukuthi bathole indawo abazoyisebenzisa ukudayisa umsebenzi wabo wezandla indawo eseduze kwabantu abaningi ukuze umkhiqizo wabo uzodayiseka ngokushesha. Iningi labo libone kuncono beyodayisa emakethe njengoba ivuleleke ukuthi bonke abantu badayisa ngaphandle kwemigomo nemibandela.
Usihlalo uNkosikazi Zikode uphakamise ukuthi ukuze lelicebo lokuqala amabhizinisi liphumelele kuzomele labo abanolwazi ekwenzeni umsebenzi othile wezandla ingabe owokuthunga noma owokukhilosha bafundise labo abangakwazi ukuze bezokwazi ukuqhiqiza imisebenzi eminingi ngosuku.
“ Ngiyanicela bomama ukuthi sisebenzisane loyo okwaziyo ukwenza okuthile kuzomele azame ukufundisa labo abathandayo ukufunda asiphoqi muntu siyacela bakithi. Ukuze wonke umuntu ezobamba iqhaza kulelicebo esesivele nalo kanti futhi kubalulekile ukuthi konke esikwenzayo kube wukuthi kusuka othandweni ukuze icebo lethu lizophumelela.
uNkosikazi uThandiwe Mchunu uphakamise ukuthi bengomama bayadinga ukuba nekhanselingi ebhekene nabo njengoba bengomama abahlala eMjondolo njengoba kukuningi ababhekele nakho okubalwa kukho ukudlwengulwa kwabesifazane, nokubulawa kwabo imihla namalanga. Bazodinga ukuba nendawo lapho abazodalula zonke izinkinga zabo nazo zonke izinto ezibahluphayo.
uNkosikazi Zizipho Nyaka ongomunye wosihlalo uthembisile ukuthi bazozama ukukokoda ezindaweni ezithile becele ukusizwa ngokuthi bathole abasebenzi bezempilo abazosebenzisana nabo ekuthenini basize bonke abesifazane abangabahlali baseMjondolo ababhekene nezinkinga nabafuna ukugonyuluka ngezinkinga ababhekana nazo.
Kuphindwe kwaphakamiswa ukuthi bazoba nomcimbi wokubungaza iminyaka engamashumi amabili selokhu bayiqala lenhlangano yabo yomama abangabahlali baseMjondolo. Bathe bengathanda ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ukuze uphumelele umcimbi wabo yize usuku lomcimbi bengakalikhiphi.
Iningi lomama liwuthandile lomubono bathembisa ukuthi bazozama ukuphosa esivivaneni ukuze umcimbi wabo uphumelele.
“Impela iningi lethu liyawuthakasela lomubono kodwa engiphakama nalo ukuthi abahleli bomcimbi bazame ukushintsha indlela yokwenza uma kunikezwa abantu ukudla. Minyaka yonke uma kuhlelwe umcimbi ofana nalona esizoba nawo iningi labantu lihamba lidangele njengoba ukudla basuke bengakutholile. Angazi ningamisa kanjani ukuthi wonke umuntu ahambe edlile ngoba sonke bakwethu sisuke siyikhiphile imali.” Nkosikazi Zondi.
uNkosikazi Zakithi Mncube oyilunga lebhodi uthembise ukuthi bazokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi wonke umuntu ngosuku lomcimbi ahambe endlile futhi ejabulile ngoba inhloso yomcimbi eyokuthi wonke umuntu ajabule angabibikho ozohamba ehlubukile noma edangele.

