SHEILA MHLONGO
UPhiko lwezokumaketha leDolobha, iDurban Tourism, luhloniphe amabhizinisi avelele nahamba phambili embonini yezokuvakasha ngesikhathi kunomcimbi obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesithathu lomhlaka -18 Juni 2025.
Imiklomelo yaminyaka yonke yeDurban Tourism Business Awards yesine, ihloniphe ubuchule nokusebenza okuhle embonini yezokuvakasha, iphinde yaba yipulatifomu yokukhombisa ukuthi iTheku liyindawo ephambili kwezokuvakasha nokutshalwa kwezimali.
IDurban Tourism yamukele izicelo eziyi-161 zemiklomelo, kwathi ngemuva kohlelo lokuhlunga ,kwakhethwa abaphumelele, abavela emikhakheni ehlukene efana namahhotela, abenzi bobuciko, abaqhuba izinkambo zezivakashi kanye nabathwala abahamba ngemijiko (rickshaw).
UMasipala waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, uthe idolobha lijabule ngendlela abanikazi bamabhizinisi ezokuvakasha abaveze ngayo intshisekelo kule miklomelo, njengoba kukhuphuke isibalo sezicelo kwezinye izigaba.
“Isigaba seMihlangano, Izikhuthazo, Ingqungquthela, kanye Nemibukiso (MESE) sibone ukukhuphuka kwezicelo kusuka ku-30% kuya ku-62%. Isigaba sabenzi bamaFilimu kanye ne-Universally Accessible and Green Sustainability Award siphindeke kabili inani lezicelo uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule, okubonisa ukukhula kwentshisekelo nokuzibophezela kulezi zigaba ezibalulekile,” kusho uMeya uXaba.
Abawinile kwezinye izigaba bathole imiklomelo yemali efinyelela ku-R50 000, kanti abangene isibili bathole imiklomelo yenenani lika-R35 000.
Ophume endaweni yesithathu uhambile no-R25 000. Abathole i-Exceptional Achievement Award banikwe uhambo lwangaphandle lokufunda olunenani lika-R100 000 futhi bazothola amathuba okubakhangisela amabhizinisi abo kabanzi.
USimon Sibiya, onguRisho eduze kwepromenade, uthole i-Best Rickshaw Award ngenxa yomsebenzi wakhe ovelele. Uyibonge kakhulu uDurban Tourism ngokubona umsebenzi wakhe, wathi lokhu kumkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuhlinzeka ngezinsiza ezinhle kwabavakashi.
Umklomelo we-Accommodation (Hotel) kanye ne-MESE (Meetings, Exhibitions and Special Events) uwine i-Coastlands uMhlanga.
I-View Boutique Hotel and Spa iwine isigaba se-Accommodation (Non-hotel).
UGary’s Horses uwine i-Exceptional Visitor Experience Award kanti i-KasLam Events iwine isigaba se-Events Owners and Promoters.
Umklomelo wama-Tour Operators uwine i-Durban Fever Travel and Tours kanti uSanele Mvuyane uwine isigaba sama-Tour Guides.
IGugu Mobile Boutique iwine umklomelo we-Best Crafter kanti i-Wheels on Waves yawina i-Universally Accessible and Green Sustainability Award.
Usihlalo weKomidi Lezomnotho Nezokuhlela uKhansela Thembo Ntuli uhalalisele bonke abawinile, wathi bafanelwe ukuhlonishwa ngomsebenzi wabo onzima nokuzinikela kwabo.
Izitatimende ezivela kwabake bawina kule miklomelo ziveza ukuthi bavame ukusebenzisa imali abayitholile ekutshalweni kabusha kwamabhizinisi abo.
Baphinde babelane nangendlela le miklomelo ebabavulele ngayo amathuba amasha okubambisana nokukhula kwezinsizakalo zabo.

