UMkhandlu weTheku ucacisa ngomsebenzi wokunakekela ama-drain

SHEILA MHLONGO

UMkhandlu waseThekwini  ucacisa mayelana  nomsebenzi wokunakekelwa kwama-drain atholakala ezindaweni ezifana nezitolo ezinkulu (malls) noma emhlabeni ozimele zingumthwalo wabanikazi balezo zakhiwo.

Lokhu kubandakanya ukuqinisekisa ukuphathwa kahle kwamanzi emvuleni njengenxenye yenqubo yokuvunywa kwezinhlelo zokwakha. UMkhandlu unomthwalo kuphela wezinhlelo zomphakathi zokuhambisa amanzi emvuleni.

Okwamanje, akukho bufakazi obukhombisa ukuthi izikhukhula ezihlasele isikhungo sokuthenga sendawo zibangelwe ukwehluleka noma ukuvaleka kwesistimu yokudonsa amanzi yeDolobha. Izikhukhula ngesikhathi sezimvula zithonywa kakhulu amandla okuqina kwemvula, amandla ezinhlelo zokuhambisa amanzi, kanye nodoti othwalwa amanzi emvuleni.

EThekwini, izinhlelo zokuhambisa amanzi emvuleni zakhiwe ukuze ziphinde zikwazi ukumelana nemvula eyenzeka kanye eminyakeni engu-10 ezindaweni ezibucayi, kanye nemvula eyenzeka kanye eminyakeni ewu-3 kwezinye izindawo. Amashaneli amakhulu kanye nezinhlelo zokuvikela imifula zakhiwe ukumelana nemvula eyenzeka kanye eminyakeni engu-50 noma engu-100. Eminyakeni eyishumi edlule, iDolobha libhekane nokwanda kwezikhukhula ezinzima.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *