Ukuvulwa kwe-Westown Square kulethe ikusasa eliqhakazile

SHEILA MHLONGO

Kube nenjabulo, ukudansa kanye  nokuhlokoma lapho iMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, ivula ngokusemthethweni iWestown Square endaweni yaseShongweni, mhla zingu-27 Mashi 2025.

Lokhu kuvulwa kukadedangendlale wenxanxathela yezitolo  kanye nendawo yokujabula endaweni yaseShongweni abatshali zimali kanye nezinhlaka ezahlukene emphakathi zikuchaze njengesiqalo esisha esizovula amathuba emisebenzi, utshalomali, kanye, nongenisomali.

Ukwakhiwa kwale phrojekthi edle isamba sika-R1.3 billion, eyaqala ngo-2021, kuyisigaba sokuqala sentuthuko  elihlanganisa izindawo ezihlukahlukene ezingu-2 000 hectares eduze kwe-N3 ne-Kassier Road Interchange.

IMeya uXaba iqinisekise ukuzibophezela kukaMasipala wedolobha laseThekwini ekusebenzisaneni nabamabhizinizi azimele  ukuze kuthuthukiswe umnotho wesifunda.

IWestown, ebizwa nge-“Dolobha Elisha LaseNtshonalanga”, ilindeleke ukuthi idonse utshalomali lwe-R15 billion eminyakeni eyi-10 kuya kweyi-15 ezayo, yakhe imisebenzi yezokwakha engaba ngu-15 000, kanye namathuba emisebenzi  angu-8 500.

ITheku litshale u-R600 million ekwakhiweni kwengqalasizinda ezosekela le phrojekthi. Okwamanje, abantu abangaphezu kuka-1 200 sebeqashwe ekwakhiweni kwengqalasizinda kanye neWestown Square, kanti imisebenzi engu-451 isivuliwe emphakathini.

IMeya iphinde yagqamisa ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi azimele ekwakheni umnotho ophumelelayo futhi okhulayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *