UMasipala weTheku useqalile umkhankaso wokuqhuba izingxoxo zokubonisana mayalena noHlelo lweNtuthuko Edidiyelwe (IDP/Budget) ka 2025/26

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku useziqalile izingxoxo zokubonisana mayelana nohlelo lweNtuthuko Edidiyelwe kanye neSabelomali (IDP/Draft Budget) 2025/26. Lezingxoxo zokubonisana ziqale ngezinga eliphezulu nezinhlaka ezimbili okube umkhakha wezamabhizinisi kanye nenhlangano ye Rate payers Association.Ezinye izingxoxo ziye zalandela ezingxenyeni ezahlukene zeTheku neziyoze ziphothulwe ngomhlaka-14 Meyi bese kulandela ukwamukela kweSabelomali esihambisana Nohlelo Lwentuthuko Edidiyelwe ngomhlaka-22 Meyi 2025.

Isamba  seSabelomali esihlongozwayo  esingu-R71.3billion sihlanganisa isabelo esingu-R62. 2 billion wamarandi kanye ne capital bhajethi engu R7.1 billion.Isiqubulo salonyaka sithi “Infrastructure Building and Service Delivery Budget.” NgaleSabelomali kuqondwe ngaso ukuthi sibhekele ukulethwa kwentuthuko, ukuvuselelwa kabusha kwengqalasizinda kanye nokuthuthukiswa komnotho.

UHlelo Lwentuthuko Edidiyelwe luyisu lokuqondisa intuthuko kanye nokulethwa kwezidingo edolobheni. Isiza ukuhumusha izifiso zabantu kanye nemigomo yedolobha ibe uhlelo lokuletha izidingo zabantu. UHlelo Lwentuthuko Edidiyelwe lusiza ukubonisa inqubo mgomo kanye nendlela umasipala azosebenza ngayo eminyakeni emihlanu ezayo.

IMeya ukhansela Cyril Xaba ithe izingxoxo zokubonisana nemiphakathi zibalulekile ukuqinisekisa ukuthi uMasipala uba ngowazo izakhamizi.
”Leli idolobha elenu. Konke ukuphawula kwenu sikuthathela phezulu. Ninamandla okuqondisa ikusasa leTheku.”

Ezinye zezinto ezimqoka kuleSabelomali esihlongozwayo sika 2025/26 inani lemali ebekelwe eceleni ukufeza izidingo ezibalulekile. Isamba esingu R859 million sabelwe ugesi, lemali izobhekana nezindleko zokwenza ngcono ingqalasizinda kanye nokwandiswa kukagesi kanye neziteshi ezintsha ezakhiwayo manje.

ISabelo mali samanzi singu R1.15 billion kanti sizosetshenziselwa izinhlelo  zokulungisa isimo sokulahleka kwamanzi kanye nokufakelwa kabusha kwamapayipi.Kuhlongozwa ukukhushulwa kwemali yokukhokhelwa kwezidingo ezifana nogesi ngo 12.72%, amanzi kube 15% kumakhasimende asezindlini kube u16% kumakhasimende amabhizinisi. Ukuthuthwa kwendle khona kube u13% ezindlini, 14% emabhizinisini. Ukuthuthwa kukadoti kona kube 9.9% ezindlini,kanye no 9% emabhizinisini. Ama-Rates ezindlu kuhlongozwa u6.5%.

UMeya uXaba uthe “leSabelomali sizogxila kakhulu ekulethweni kwezidingo ezingeke ziphazamiseke, kuzokwenziwa ngcono ingqalasizinda yedolobha. Konke lokhu kuzokwenzeka ngokuthi kuvuselelwe kabusha  ingqalasizinda esikhathini esifushane, esimaphakathi nendawo, kanye nesikhathi esikude.”  Izakhamizi ziyanxuswa ukuthi ziqaphele izinkundla zokuxhumana zedolobha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *