IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ithole umnikelo wama-tablet angu-50 eHuawei ovela ku-Consul General waseChina eThekwini, uMnu. Li Zhigong, njengengxenye yokwakhiwa kobudlelwano obuqhubekayo phakathi kwabantu balezi zizwe zombili.
Lawa magajethi azosatshalaliswa ezikoleni ezahlukene kulo lonke iDolobha ukusiza abafundi bendawo baxhumane nomhlaba. Consul General Zhigong uthe nakuba lokhu kungaba umnikelo omncane kodwa kukhombisa ukuxhumana izwe lakhe nabantu baseThekwini. UZhigong ukhuthaze abantu abasha ukuthi basebenzise ubuchwepheshe njengewindi lolwazi namathuba. Khonamanjalo, iMeya uXaba igcizelele ukubaluleka kokwamukela ubuchwepheshe ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu bakuleli dolobha abasali emuva.
Wengeze ngokuthi ngokutshala imali kwezemfundo, iDolobha lifaka isandla ekukhuliseni isizwe esikwazi ukuqhudelana emhlabeni jikelele.

