SHEILA MHLONGO
IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, yemukele ngokusemthethweni abaholi bakahulumeni, abahleli bezindawo zasemadolobheni, izifundiswa, abamele izinhlangano zomphakathi, nabalingani bezinkampani ezizimele kwi-South African National Urban Forum, eqhubeka e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre. Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili igxile ekwakhiweni komasipala abasimeme abakwaziyo ukuhlangabezana nezidingo zezakhamizi zabo ezikhula njalo. Enkulumweni yakhe, iMeya uXaba igqamise ingqayizivele yeTheku ngokuba wukuphela kukamasipala wedolobha ongama-60% asemaphandleni. Uphinde waveza ukuthi iDolobha lisaqhubeka nokukhula ngokushesha emadolobheni njengoba abantu befudukela emadolobheni beyofuna amathuba angcono.
IForamu Kazwelonke Yasemadolobheni izofaka isandla ekuphunyezweni koHlaka Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemadolobheni (IUDF). INingizimu Afrika ingelinye lamazwe ahamba emadolobheni kakhulu e-Afrika, njengoba cishe u-68.82% wabantu bakhona abahlala emadolobheni, kulindeleke ukuthi bakhuphuke baye cishe ku-80% ngo-2050. Lokhu kuzokwandisa isidingo sengqalasizinda eyisisekelo.

