INK-KASI Xperience ithuthukisa umnotho wendawo kanye nezokuvakasha zaselokishini

ONGEZIWE NTONDINI

Ngaphezu kwemizamo yayo yokukhuthaza umnotho nezokuvakasha, i-INK-Kasi Xperience ishiye uMnqobi echichima injabulo ngemuva kokuwina imoto entsha yohlobo lwe VW emcimbini obubanjelwe KwaMashu mhlaka-19 kuMashu 2025.

Lo mcimbi, obuyingxenye yemigubho yokubungaza iminyaka engu-10 eqhubekayo ye-INK-Kasi Xperience, ububanjwe ngokubambisana nabalingani abahlonishwayo balo mcimbi, okubalwa kubo uPhiko lwezokuVakasha kuMasipala waseThekwini.

Lomgubho womculo obanjwa minyaka yonke, awugcini nje ngokukhombisa ithalente lesifunda kodwa futhi ukhuthaza ezokuvakasha zaselokishini futhi uqhube ukuthuthukiswa komnotho, ubeka phambili amabhizinisi endawo ngaphakathi kochungechunge lwayo lwamanani.

Lo mcimbi ubamba iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi ngenkathi ukhuthaza ukubumbana komphakathi, ukugqugquzela ushintsho olunenjongo ezindaweni zase-Inanda, eNtuzuma naseKwaMashu (INK).

USihlalo weKomidi Lokuthuthukiswa Komnotho Nokuhlela iKhansela uThembo Ntuli uthe: “Siyaziqhenya ngokuzibophezela kwethu ekukhuthazeni ezokuvakasha elibandakanya wonke uumuntu wasendaweni yase-INK kule minyaka eyishumi edlule”


Isikhulu esiphezulu se-INK-Kasi uPhilani Ngwenya uzwakalise ukubonga abantu base-eThekwini nabo bonke ababasekile be-INK-Kasi Xperience, wathi:
“Ukuseseka kwenu kufakazela ukubambisana okuhle ekuqinisekiseni ukuhlonipha kanye nokubungaza ithalente lendawo kaye nesiko. Siyajabula futhi ukuthi lomcimbi unikeza ithuba lokumaketha iTheku njengendawo yabathandi bomculo abavela kusosonke isifundazwe kanye namaphethelo”.


UVumani Ndlovu owine imoto etsha emva kokutonyulwa kwethikithi lakhe lokuyobukela idili lomculo uzwakalise ukubonga kwakhe

“Ngijabule kakhulu ngokuwina lemoto leli iphupho ngempela eligcwalisekayo. Ngithanda ukudlulisa ukubonga kwami okusuka enhliziyweni ku-INK-Kasi Xperience kanye ne-Durban Tourism ngaleli thuba elimangalisayo. Injabulo eyenziwe kulo mncintiswano ihlanganise umphakathi wethu, futhi ngizizwa ngihloniphekile ngokuba ngumnqobi.” Kusho uNdlovu.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *