SHEILA MHLONGO
Uhulumeni useqalile ukwenza ngcono imizamo yothuthukisa indlela yokusebenzisa isabelomali, ngemuva kokuthi kuhlaziywe kutholakale ukuthi kunama Billion amarandi angasetshenziswa kangcono kuyekwe izinhlelo ezingenamsebenzi noma ezingenzi kahle. Le mali ingasetshenziswa kwezinye izinhlelo zesabelomali esizayo.
UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uthe izinhlelo ezingasebenzi kahle zizovalwa njengoba kuhlelwa kabusha Isabelomali sika-2026.
UMgcinimafa kazwelonke uthe uma uhulumeni engase onge imali ngokusebenzisa izincomo ezivela kulokhu kuhlaziywa, kunganciphisa isidingo sokunyusa intela yesabelomali sika-2026.
Izinguquko zokwenza ngcono le nqubo zizokwethulwa kancane kancane, ziqinise ukuzibophezela kukahulumeni ekuqinisekiseni ukusimama kwezimali ukuthuthukisa uhlelo lokunquma okubalulekile nokwenza kube ngcono ukuqapha nokubika.
Ukungasebenzi kahle komnotho kudala ukusilela emuva kwemali yentela, okudinga ukwenyusa izindleko zokuxhasa umphakathi kube nomthelela omubi kwesikweletu sikahulumeni.
Ukuze kube nempumelelo, uhlelo lokugcina izimali luqine futhi kutshalwe imali ekukhuleni komnotho, kufanele kuqinisekiswe ukuthi izindleko ezinkulu zinikeza inzuzo, bese kuchithwa ezingenampumelelo.
Ukuhlaziya koMgcini Mafa kuthole ukuthi kungalondolozwa imali engu-R37.5 billion ngokwenza ngcono ukuqapha nokusebenza. Izinguquko ezintsha zizogxila ekuthuthukisweni kwezingqalasizinda kuzo zonke izifundazwe nomasipala, kusetshenziswa idatha ukuthola amaphutha emiholweni yabasebenzi kahulumeni.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uSekela Mengameli Paul Mashatile nabanye oNgqongqoshe basekela le mizamo. UMengameli uzosungula ikomidi elizobheka izinhlelo ezingasebenzi kahle.
UGodongwana uphinde wacela bonke abaphethe izimali zomphakathi ukuthi basekele lezi zinguquko.

