ULungo MaMkhize-Obomvu ngingowakwaMaphumulo eNyamazane ukuwina iBest Gospel Artist  award kungithobisile, ngathokoza ngazigqaja ngekhono uNkulunkulu angiphe lona. Ngingumuntu othanda uNkulunkulu nofisa bonke abantu bamazise uNkulunkulu  ezimpilweni zabo

Uma ufuna ukungena endimeni yomculo yenza ucwaningo ngomkhakha wezomculo obese ukhetha ohambisana nomyalezo owuzwa ngaphakathi. Ngifisa ukuhambela wonke amaProvinces aseNingizimu Africa kanjalo namazwe angomakhelwane ngidlulisa umyalezo ngomculo abalandeli  bangalindela umculo wemvuselelo notshukumisayo obhalwe uLUNGO, umculi engibukela kuye uSindi Ntombela uletha umculo onendumiso nowelapha umphefumulo. Ngifisa ukubonga kakhulu uNonhle Ndinisa Artist Manager  noMzikayise Ndlovu  inventory yami ,nomndeni nezihlobo nabangani.

Ngiyafisa ukuba ngimenywe kum-Events ahlukeneyo ngiyatholakala Facebook : LUNGO MaMkhize-Obomvu, TikTok:  LUNGO MaMkhize-Obomvu, Email: Lungadindee@gmail.com  naku WhatsApp/ Call: 063 938 1000.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *