SHEILA MHLONGO
NgoLwesihlanu lomhlaka -27 kuJuni uMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba uvule ngokusemthethweni iNagina Human Capital Centre of Excellence. Lesi sikhungo esisezingeni eliphezulu sinelebhu yamakhompuyutha enezinto zokusebenza eziphelele, amakhompuyutha ayi-15, i-Wi-Fi yamahhala, kanye nokufinyelela kuhlelo lweDolobha lwe-e-Recruitment oluvulela amathuba emisebenzi nentuthuko kwezomsebenzi.
Lesinyathelo sihlose ukubhekana nokuqeda inkinga yokwesweleka kwamathuba emisebenzi entsheni. Ukunciphise igebe lobuchwepheshe kanye nokuvulela imiphakathi ehlwempu amathuba okukhula.
Lesi sikhungo, esisendaweni ebhekene nezinselelo ezinzima kwezomnotho nezenhlalo, asigcini nje ngokuba isakhiwo kodwa singumfanekiso wokumelana nezinselelo namathuba.
Siyingxenye yenethiwekhi enkulu yamakhono angu-30 aseThekwini, ayizikhungo zokuguqula izinto, anika intsha ukufinyelela ezinsizeni ezibalulekile, ukuqeqeshwa, namathuluzi edijithali ukuze ibambisane emnothweni oqhubekayo nowokuncintisana.
Kuhlelwa ukuthi lezi zikhungo zisatshalaliswe kuzo zonke izikhungo zeSizakala.
UMeya uXaba uthe lesi sinyathelo asigcini ngokuvula isakhiwo, kodwa ukuvula iminyango yekusasa elingcono. “Lesi sikhungo sizonika intsha amakhono nolwazi lokuzakhela ikusasa labo futhi ibe negalelo ekukhuleni kweDolobha. Siyindawo yokusungula izinto ezintsha kanye nesiqalo sabaholi bekusasa,” kusho uXaba.
UMeya wengeze ngokuthi eNagina, lapho izinselelo bezivame ukufihla amathuba, uMasipala utshala imbewu yentuthuko. “Lokhu kubonisa ukuzibophezela kwethu kwintuthuko ekhulayo, amandla edijithali kanye nokuguqulwa kwemiphakathi.” esho njalo.
Ucele umphakathi ukuthi uvikele lesi sikhungo ekucekelweni phansi nasebubheni.
Lesi sikhungo sizosingatha izinhlelo eziningi zokuqeqesha, ezihlanganisa ukufundiswa kwezobuchwepheshe, kosomabhizinisi kanye nezifundo zokulungiselela imisebenzi, zonke ezihambisana nezidingo zomnotho wanamuhla.
UPrecious Mtolo, oneminyaka eyi-16, ongomunye wabasebenzisa lesi sikhungo okokuqala, uthe uyajabula ngokuvulwa kwaso, esho ukuthi lokhu kuyinqophamlando.
“Asizange sibe namathuluzi noma ukufinyelela kumakhompuyutha kanye nezinye izinsiza ezithinta intsha kule ndawo. Ekugcineni ngizizwa senginethuba lokwakha ikusasa lapha emphakathini engiphila kuwo.” kusho uMtolo.
Loluhlelo lubonisi umbono kaMasipala wokwakha idolobha elibumbene, eliqinile, nelilungele ikusasa.

