ZAMA MAJOLA
UMasipala weTheku umema abasiki bengqephu baseNingizimu Afrika yonkana ukuthi bafake izicelo zokuthola ithuba lokukhombisa ngemiklamo yabo embukisweni wesi-14 waminyaka yonke we-Durban Fashion Fair (DFF). I-DFF, okungeminye yemicimbi yezemfashini edumile e-Afrika, izoba ngoSepthemba-17 kuya ku-19 e-The Station Urban Event Space. Izicelo sezivuliwe futhi zivalwa mhla zingu-31 kuJulayi 2025. Lo mbukiso uyingxenye yokuzibophezela okubanzi kwedolobha ekuthuthukiseni imboni yezobuciko kanye nokufukula osomabhizinisi abasemkhakheni wezemfashini.
Faka isicelo ku-inthanethi ku: https://forms.gle/BU1QnL3QCxNmCPp38
Ngendikimba ethi. “The Awakening”, i-DFF 2025 ithembisa ukugqama ekusunguleni ngesibindi, kuyilapho ibungaza ithalente lendawo futhi ikhulisa kokubili amazwi amasha namisiwe endaweni yemfashini. Kule minyaka eyishumi edlule, i-DFF ikhule yaba inkundla ebalulekile, ingagcini ngokubonisa imfashini kodwa ibumba imisebenzi. Abahlanganyeli abaningi bangaphambilini bathole ukufinyelela kubathengi, ubambiswano lwebhizinisi, namathuba wamazwe ngamazwe.
UMakhosi Ntshangase ka-Sista Fellas, uthisha we-DFF ka-2019 nowine i-Rising Star, uncoma umbukiso ngokwethula ngempumelelo umsebenzi wakhe. “Ngaphandle kwemishini engiyitholile, i-DFF yaba wukhiye wami wokuvula iminyango yamathuba. Ngafunda ibhizinisi lemfashini, ngaxhuma kwinethiwekhi, ngagcina ngisayine isivumelwano sokuthumela izimpahla nabakwa-Edgars. UNtshangase, kanye nodadewabo uZamabhele naye owafunda i-DFF kusukela ngo-2018 baye bavula isikole semfashini esagunyazwa yi-Fiber Processing and Manufacturing SETA ngonyaka odlule. “Abafundi bethu ababili bangene kwabayishumi abahamba phambili kwi-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award, okuwumncintiswano wabafundi. Impumelelo yethu ingenxa yokwesekwa okuqhubekayo kukaMasipala weTheku.”
UZama Gumede, ongumsunguli weZavior Fashion House, uthe i-DFF isineminyaka engu-10 iyingxenye yohambo lwakhe. Ekhuluma ngomehluko owenziwe empilweni yakhe, uthe: “Ngo-2020, ngakhangisa ngeqoqo eliluhlaza nokumhlophe ngatholwa ngabakwa-Icon Clothing ababehambele i-DFF. Bayisitolo esisePolokwane’s Mall of the North. Bebengamakhasimende ami amakhulu kusukela manje. Kulo nyaka sengibanikeze ama-oda amakhulu kabili.” Olunye udaba oluyimpumelelo nguMxolisi Mkhize ongumsunguli weHouse of St Luke. Uthe: “Ngonyaka odlule kube noshintsho olukhulu. Ngemva kokubhekwa kulo mbukiso ngacelwa ukuba ngibe umsiki wengqephu kumaGospel Crown Awards futhi ngajutshwa ukuthi ngithungele abantu abangaba ngu-80 abazofuna uMiss kanye noMr Durban University of Technology 2024. I-DFF ihlezi iletha amathuba angempela.”
USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela uKhansela Thembo Ntuli ukuqinisekisile ukutshalwa kwezimali kweDolobha kulolu hlelo. “SinguMasipala weTheku sitshala imali kwezemfashini ngoba igqugquzela ukuthuthukiswa komnotho okubandakanya wonke umuntu nokudalwa kwamathuba emisebenzi. “Kulo nyaka, bangu-24 abasiki bengqephu abasafufusa bathole ukuqeqeshwa kusukela ngoMashi, okuhlanganisa izici zokusungula nezamabhizinisi. Laba baqeqeshi bazothola ithuba lokubukisa kwi-DFF ngoSepthemba,” kwengeza uKhansela Ntuli.
Ngeminye imininingwane thintana noNondumiso Mthembu ku-031 311 4500 noma uthumele i-email ethi nondumiso.mthembu@durban.gov.za Landela ingxoxo yemfashini ku-Facebook (DurbanFashionFair) kanye no-X /Instagram (@Dbnfashion_fair).

