UMasipala weTheku  uzovula kabusha indawo yokulahla udoti ebuffelsdraai

SHEILA MHLONGO

UMeya weTheku uKhansela uCyril Xaba ngomhlaka-13 Mashi uhole ithimba elihlangane nezakhamuzi zeWadi 59 mayelana nohlelo lokuvula kabusha indawo yokulahla udoti eBuffelsdraai.

Lokhu kulandela izinhlelo ezibanzi zokulungisa nokuqinisa ukuphepha endaweni kulandela ukuvalwa kwayo okwesikhashana ngoJulayi 2023.

Lendawo yokulahla udoti izovulwa ngokusemthethweni ngezigaba ezimbili. Isigaba sokuqala sizoqala ngo-Ephreli esizokwamukela udoti wezingadi, imfucumfucu yezakhiwo, kanye nesihlabathi.

Isigaba sesibili sihlose ukuvulwa ngokuphelele ngoMeyi lapho sizokwamukela yonke imfucumfucu okuhlanganisa nodoti wasemakhaya.

Phakathi kwabebehamba noMeya uXaba kube iNkosi uMqoqi Ngcobo, uSihlalo weKomidi lezinsiza Zokuhweba, uKhansela Mduduzi Nkosi, kanye noKhansela weWadi 59, uNkosiyezwe Mhlongo.

Ekhuluma ngesikhathi somhlangano, uMeya uXaba uthe uMasipala useqalile ukwakha indawo ehlukile yokuhlunga udoti, lapho abaqoqi bezinto ezigaywe kabusha bezosebenza khona.

Uthe lendawo isihambisane nayo yonke imithetho efanele futhi ekuqaleni izophathwa ngumqondisi ozimele ozoba nesibopho sokuqinisekisa ukuthi isebenza ngendlela ezinzile ngokwezezimali.

Lendawo yokuhlunga udoti isiqhubeke yafinyelela ku-98% ukuphothulwa kwayo.

UMasipala uphinde wabeka eqhulwini ukweseka ithimba labantu abaqoqa udoti ababefuna usizo. Kwenziwe ithimba eliqondisa laba baqoqi kulolu hlelo libasiza ekwakheni amabhizinisi futhi libanikeza ulwazi oludingekayo.

“Sinethemba lokuthi lemodeli esiyakhe lapha ingalandelwa kwezinye izindawo ukuqinisa abantu abahlala eduze nezindawo zokulahla udoti.” kusho uMeya uXaba.

Uqhube wathi izinhlelo zokugaywa kabusha kukadoti azigcini ngokuhlanzisa imvelo kodwa futhi zivula amathuba okuthola imali emindenini.

UMeya uXaba ubonge ukuthi iDolobha selithole izixazululo kulandela izigameko ezibuhlungu zomlilo nokulimaza impahla okuye kwaphazamisa ukusebenza kwendawo yokulahla udoti eBuffelsdraai. Yize lendawo isilungisiwe futhi isebenza kabusha, ukudla noma yinoma yimaphi amanye ama-waste adliwayo kusamisiwe ukulethwa kule ndawo ngezizathu zempilo yomphakathi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *