UMasipala weTheku uthuthukisa umnotho wasemalokishini nasemakhaya

SHEILA MHLONGO

Umasipala weTheku uyaqhubeka nokuthuthukisa umnotho wasemalokishini nasemakhaya iMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, INkosi uMlaba noSihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uKhansela Thembo Ntuli, bavule ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo entsha, iKwaXimba Shopping Centre.

 Isitolo esikhulu kulolu hlelo lwentuthuko lwezigidi zamarandi yiBoxer Supermarket. UMeya Xaba uhalalisele umphakathi waKwaXimba waphinde wabonga iBoxer Superstores ngokuqhubeka nokwakha emathuba emisebenzi ezindaweni zasemakhaya zaseThekwini. “Okujabulisa kakhulu ngale ntuthuko ukuthi yakhe amathuba emisebenzi abedingwa kakhulu ngabantu bendawo.” kusho uMeya Xaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *