NOMTHANDAZO MAGOSO
Inhlangano iCentre of Hope and Promotion Masters yethule umzuliswano wesibili wokuqhudelana konobuhle besifazane kanye nabesilisa. eThekwini Community Centre. Kuzokhumbuleka ukuthi kumzuliswano wokuqala babe ngamashumi amathathu (30) abantu abangenela umncintiswano wonobuhle, bahlungeka kwaze kwasala abangamashumi amabili (20). Okuyibona ekade besina bededelana esiteji phambi kwezibukeli.
Kubongwe uMandisa kanye no Zamokuhle ngokusebenza kanzima, befundisa bonke abangenele umncintiswano wokumodela kusukela ekuqaleni kuze kube imanje. Abaphumelele kanye nabasebenze kanzima ekutheni umcimbi ugcine usuba impumelelo bahloniswe ngezitifiketi.
Abathathu kwabadle umhlanganiso abakhale bemuka nezitifiketi kube uZotha Mbambo obaqwaqwade bonke emakhanda walandelwa uSimangele Ngcobo kwagcina uSinothando Ngcobo.
Ongomunye wabenze umcimbi waba impumelelo, uDokotela uTakie Dube ubonge abazali babantwana abangenele umcintiswano ngokuthi bakwazile ukuvumela abantwana ukuthi baveze amakhono abo. “Ukuvumela abantwana ukuba baveze amakhono abo kwenza ukuthi bangabi nesikhathi sokuzibandakanya ezintweni ezingalungile.” Kusho udokotela.
Uphethe ngokubonga abefundisi ikakhulukazi uMbishombi uDube okunguyena ongumholi weThekwini Community Centre.

