IMeya yeTheku ibe ingxenye yokuthungatha owamuka nezikhukhula eLamontville

ONGEZIWE NTONDINI

IMeya yaseThekwini ukhansela Cyril Xaba mhlaka-21 Mashi 2025 ube ingxenye yethimba leSouth African Police Services kanye neDurban Metro Police ngenhloso yokuthungatha umzimba wesisulu esamuka nezikhukhula eLamontville.


Lo mzamo wokuthungatha ulandela isicelo somndeni wakwaGcabashe ngemuva kokuthi umama wabo emuke nezikhukhula ngesikhathi sezimvula ezinamandla zomhlaka 25 Febhuwari 2025. Ngesikhathi sezikhukhula kwabikwa ukuthi bahlanu abantu ababedukile kodwa kwagcina kutholakala abane.


Ithimba lokusesha nokutakula belilokhu lithungatha kulendawo, yize inqubo yabo ejwayelekile yokusebenza ithi kumele benze ukusesha izinsuku ezinhlanu.
Mhla zingu- 21 Mashi 2025 okuwusuku lwamaLungelo Abantu iMeya ibambe iqhaza kulemizamo yokuthungathwa kwesisulu kusukela ekuseni ngehora leshumi (10:00) kwaze kwaba ihora lokuqala (13:00) ntambama besebenzisa izinja ezihogela umkhondo kodwa ngeshwa, abakwazanga ukuthola isidumbu esalahleka.


IMeya ibonge ithimba lokusesha nokutakula ngokuzibophezela abakukhombisile ekutholeni isidumbu esilahlekile selokhu kwenzeke izikhukhula. “Ithimba lisebenze ngaphezu kokubizelwa komsebenzi njengoba beze kule ndawo okwesine namuhla ukusiza umndeni ukuthi uthole isisulu. Sinethemba lokuthi isidumbu sizotholakala ngesinye isikhathi,” kusho iMeya uXaba.


Umndeni wakwaGcabashe ubonge iMeya ngokuphendula isicelo sabo sokuthi iphinde ithumele ithimba lokusesha nokutakula kule ndawo ukuyofuna isidumbu sikamama wabo othandekayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *