SHEILA MHLONGO
Ukuguqulwa kwendawo yomsebenzi kube ngeyedijithali kube yinto egqamile engqungqutheleni i-Youth Employability Indaba kanye ne-Career Expo ebibanjelwe eThekwini, lapho abafundi abavela ezikoleni ezingaphezu kuka-50 bethole ulwazi mayelana namakhono. Inhloso bekuwukunciphisa igebe phakathi kwemfundo nezidingo zemakethe yomsebenzi.
Izikhulumi ezivela emikhakheni ehlukene zifundise intsha ngokubaluleka kokufunda amakhono edijithali ukuze ilungele ikusasa eliqhutshwa ubuchwepheshe. Baveze amathuba emisebenzi nobuchwepheshe obusha obungathuthukisa impilo yentsha.
UMasipala waseThekwini ngokubambisana namanye amanyuvesi nezinkampani, uthe le migomo izosiza ukuxhumanisa izinhlelo zemfundo nezidingo zangempela zemisebenzi yanamuhla.
Omunye umfundi uKhulasande Magwaza uthe le-expo imvule amehlo ngezindlela ezahlukene zomsebenzi futhi imsizile ukuthi aqonde kangcono izinqumo azozithatha ngomsebenzi wakhe.

