UMasipala weTheku  usesimeni esinzinzile kwezezimali futhi uzibophezele ukuveza konke obala

ESITHOMBENI:Kwesokunxele uMnu Mandla Nsele oyiMphathi oPhikweni lwezokuXhumana nezokuMaketha eThekwini, Umphathi Dolobha uMnu. Musa Mbhele kanye noMnu. Malusi Mhlongo onguMqondisi kwezomthetho nokuhambisana.

SHEILA MHLONGO

Isimo sezimali esizinzile kuMasipala weTheku sifakazelwe ngisho nayi international rating agency, esihlonze loMasipala ngokuthi wenza kahle kakhulu uma kuza ngasekuphathweni kwezimali ngaphezu koMasipala abangama Metro  ababalelwa ku-8 kuleli.

Lokhu  kube yisiqinisekiso esimqoka esivela kuMphathi Dolobha kaMasipala uMnu. Musa Mbhele ngesikhathi ethula umbiko phambi  kwesithangami sabezindaba ngoLwesihlanu lomhlaka ku 12 Juni.

Ngokusho kuka Mbhele uthe loMasipala  uhamba phambili kwezokuqoqwa kwezimali ngamaphesenti angu -93% kanti futhi ulokhu uqhubeke njalo  nokuthola imibiko yokuhlolwa kwezimali engenawo ugcobho ovela kuMcwaningi Mabhuku -Jikelele.

UMbhele uhole isithangami sabezindaba eCity Hall, lapho ethule khona umbiko othinta ezokuphatha kukamasipala, kuhlanganisa nezinselelo eziningi kanye nempumelelo ebonisa ukuzibophezela kukaMasipala ekulethweni kwezidingo zomphakathi, ukuphatha okuhle kanye nokuhambisana nomthetho.

Eqhuba uMbhele ugcizelele mayelana nomgomo kaMasipala wokusebenza ngendlela esobala nokuxhumana okuqhubekayo nezakhamizi kanye nabezindaba.

UMbhele uveze ukusebenza okuhle komnotho weTheku, wathi uMasipala uphinde wadala amathuba emsebenzi  engu-70,000 – okuyinani eliphezulu kunabanye omasipala abangama kuleli, ngokwezibalo zaseStatistics South Africa.

Uphinde waqinisa umgomo kaMasipala wokuthola umbiko wokuhlolwa wezimali ongenawo ugcobho, wathi iThekwini lisebenza ngokuzikhandla ukufinyelela kulowo mgomo.

“Siyakholelwa ukuthi indlela esiyithathayo izosiyisa ekufinyeleleni kulokho,” eqinisekisa.

UMbhele uphinde wakhuluma ngesitatimende sakamuva sikaMengameli Cyril Ramaphosa esithi uMasipala useqalile ukubuyela esimweni esingcono.

Uphinde wakhomba izinga eliphakeme lokuhlanzeka edolobheni njengobufakazi bemizamo eqhubekayo yokuluhlobisa iTheku.

“Siyaqinisekisa ukuthi izindawo zomphakathi ziyanakekelwa, zihlanzekile futhi ziphathwa kahle kulo lonke idolobha,” esho.

UMbhele kanye noMqondisi Wezomthetho nokuhambisana nezimiso zomthetho eThekwini uMnu Malusi Mhlongo, baphinde banikeza incazelo egcwele mayelana nokuphendula kukaMasipala ezindabeni zomthetho zakamuva

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *