SHEILA MHLONGO
Eminyakeni emithathu selokhu kwaba nezikhukhula ezinzima ngo-April 2022, uMasipala waseThekwini ube nombono onamandla hhayi nje wokwakha kabusha, kodwa wokuguqula isimo ngokwakha ngendlela eqinile nesisimeme ukuze ingqalasizinda ibe namandla angcono futhi ihlale isikhathi eside.
UMasipala wenze inqubekela phambili enkulu ekubuyiseleni nasekuthuthukiseni ingqalasizinda ebalulekile, egxile emigwaqweni, amabhuloho, nasemithonjeni yokuthungatha amanzi ezikhukhula eyalimala kakhulu ngesikhathi sezikhukhula.
Imizila i-M4 ne-M19 ebingasakwazi ukusetshenziswa, iyakhiwa kabusha njengemithambo yokuphila emelana nezinguquko zesimo sezulu. UMgwaqo i-Prospection namachweba aseMlazi ayekade engasakwazi ukubamba amanzi, manje aseyaqiniswa ukuvikela amakhaya imboni kanye nezindlela zokuphila.
Amabhuloho afana naKwaShallcross naseCoedmore, ukubala nje ambalwa ayaphakama futhi aqinile ngendlela eyomelele. UMqondisi woPhiko Lokuphathwa Kwezinhlekelele, uVincent Ngubane, uthe ngokuhambisana nohlelo lomhlaba jikelele i-Build Back Better, isu lokubuyisela izinto eThekwini aligxili nje ekwakheni kabusha kodwa ekuqiniseni izinto.
“Inhloso yethu ayigcini nje ngokuphendula ezimeni eziphuthumayo, kodwa ukuphehla uMkhandlu oqaphelekile ovikelekile futhi ophambili. Lezi zinhlekelele zikhombisa indlela abantu abahlukene abangasebenzisana ngayo ukwandisa ukuqina kweTheku, kuqinisekiswe ukwesekwa okuphelele kubo bonke.” kusho yena.
UMasipala uqalile izinhlelo eziningi zokuhlomisa imiphakathi ngamathuluzi okuziqeqeshela izinhlekelele nokwakha ngendlela eqinile ngaphambi kokuba inhlekelele yehle.
Ukubamba iqhaza komphakathi akusilo nje iphuzu elifisayo, kodwa liyisisekelo kuhlelo lwe ‘Build Back Better’, ekudaleni imiphumela eqinile nesimeme. UNgubane uthe lokhu ukwakhiwa kabusha kwengqalasizinda kuyingxenye yohlelo olubanzi lokwehlisa ingozi yezinhlekelele oluhlanganisa izinhlelo zokuxwayisa kusenesikhathi, ukulungela komphakathi, kanye nokuhlela okulungele isimo sezulu.
“Asisaphenduli nje kuphela ezinhlekeleleni, kodwa sibikezela ukwenzeka kwazo sakha umkhandlu wethu ngendlela ozokwazi ukumelana nazo.” kuchaza yena.
Uthe izakhiwo ezakhiwayo kabusha azigcini ngokuba yizimbuyiselo, kodwa zakhiwe ngendlela yokuthi zimelane nezimo zezulu ezinzima kanye nobungozi bokwanda kwezikhukhula.
UChief Civil Engineer ku-Roads Provision, uLinga Govender uthe,uMasipala usebenzisa amazinga aphezulu obunjiniyela ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda eyakhiwa kabusha iqine futhi ingasheshi yephuke esikhathini esizayo.
“Lawa mabhuloho amasha akhelwe ukumelana nesikhathi nezinguquko zesimo sezulu, amela isikhathi esisha sengqalasizinda, eqinile nephephile” kusho yena.
KUPHELA
ISITHOMBE: Lezi zakhiwo zesimanjemanje zimele ukuqina kukaMasipala waseThekwini, okwakhiwe kabusha ngaphansi kohlelo lwe-Build Back Better. Zixhumanisa imiphakathi, zibuyisela imithombo yezomnotho futhi zilungele ukumelana nezinsongo zesimo sezulu esizayo.
Izithombe: PHUMLA KHWELA
Izwi: uGugu Sisilana, uMqondisi Omkhulu wesiShayamthetho kuMasipala waseThekwini eMnyangweni wezokumaketha noKuxhumana.

