WONDER NGCOBO
Umsebenzi kaMasipal weTheku, owampintshwa yilunga lomphakathi ube eseboshwa emva kokubanjwa oqotsheni lapho ethulula udizili obusethangini lamanzi endaweni yase Reservoir Hills mhlaka 11 ku Febhuwari.
I truck lelo kwabe kumele ngabe lise City Fleet lapho kwakumele ngabe liyolungiswa khona inkinga yesondo, kanti umshayeli ubesesikhathini sekhefu ngenkathi ebhadanywa. Inhloko yethimba labaphenyi nabalweli besithunzi bedolobha u Jimmy Ngcobo uncome ilunga lomphakathi ngokuthatha isinyathelo esihle sokubika ukukhwabanisa nezenzo zobugebengu.
UMasipala ulahlekelwa yizigidi zamarandi ngenxa yokwebiwa kuka dizili nezinye izinto okungezika masipala. Uphenyo luveza ukuthi ukwebiwa kuka dizili sekuqhubeke ngaphezu kweminyaka emibili. umsolwa ubedayisa lodizili ngentengo ka R13 ngelitha okusho ukubiza kancane ngendlela emangalisayo uma uqhathanisa nentengo ka dizili yamanje, okusho ukuthi ubezihlomulela u R5 200 ngethangi elingu 400 litha ngokusho kuka Ngcobo.
Ube esexwayisa abanye abasebenzi okungenzeka ukuba nabo bayathinteka kulezenzo zobuqhophololo wathi nabo akusekude ukuthi babanjwe.
“Siyayibuka indlela yokusebenza kuka dizili ezimotweni zika Masipala, kanti bekumangaza ukuthi leli truck beligcwaliswa ngo dizili cishe kaNe (4) ngosuku, kunama truck aqeda omningi udizili ngenyanga, kanti abasebenzi abafana nalaba bayimbangela yokulahlekelwa okukhulu kuka masipala.
I Labour law iyakucacisa ukweba endaweni yokusebenza kuwukwephula umthetho kanti ungazithola ubekwa icala lokungaziphathi kahle,” kuphetha uNgcobo
Amacala okwebiwa kuka dizili, izingxenye ezithile zezimoto (car parts), ukuthengiswa koplastic bokufaka udoti, ne stationery kanye nokusetshenziswa kwezimpahla zomkhandlu kuphakathi kwamanye amacala aphenywayo kumanje nje.
UNgcobo uthe abasebenzi abatholwa bekhwabanisa noma bentshontsha angeke besule ngenhloso yokubalekela ukubhekana namacala abo, njengoba kunomthetho kusomqulu ovimbela umsebenzi othinteka ezenzweni zenkohlakalo ekwesuleni emsebenzini.
Uqhube wathi kumele kube ngumsebenzi wabaphathi ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi badlalela kude nokweba. Ube esecela izakhamizi ukuba ziqhubeke zibike izenzo zokukhwabanisa nenkohlakalo njengoba zinomthelela ongemuhle nakuzona uqobo njengoba zibambezela ukulethwa kwezidingo emphakathini ngendlela okumele kwenzeke ngayo.
Umphakathi ungabika ukukhwabanisa nenkohlakalo ngokushayela ku 0800 20 20 20 noma bathumele i email ku ombuds@durban.gov.za

