Kuncane ukubonga kwami kukhulu engikwenzelwe abalandeli bami kowe-KZN Namuhla Artists Awards

Igama engaqanjwa lona ngu-Victor (Makhalanjalo Inkunzi Yomswazi) ngicula uMaskandi ngizalelwe endaweni yaseNhlazatshe Mpumalanga ngihlala Lochiel khona eMpumalanga. Ngokungenela kwami kuma-Artist Awards ngizizwe ngithola amandla, nothando kanye nokubaluleka ngokuzitholela iNdondo yeBest Artist Maskandi.

Into eyangenza ngakhetha umculo uthando lwawo kahle nokudlulisa umyalezo kalula ebantwini kanti into engingaxwayisa ngayo amaciko asafisa ukungena endimeni yomculo ukuthi kufanele uzethembe, ubenokubekezela nokuthanda lowomculo. Eminyakeni emibili ezayo ngifisa ukuzibona ngaziwa umhlaba wonke. Abalandeli bengalindela amanoni azobaduduza nokubakha ezimpilweni  zabo, umculi  engibukele kuye uBaba uBhekumuzi Luthuli ngoba umculo wakhe ubunenhlonipho.

Ngibonga umndeni wami wonke, abalandeli ebese ngokukhethekile ngibonga uMnu.Ora’s obrigado    ngoba waba neqiniso akaze abe isigebengu ekungisizeni nasekuphusheni umsebenzi wami Online nakuma TV, Radio Station. Ofisa ukuxhumana nami WhatsApp / Call : 073  074 3578  naku Youtube: Distrakidlo, Spotify.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *