SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku ucela izikole zamabanga aphezulu ezingaphansi kwawo ukuthi zibambe iqhaza emqhudelwaneni wezikole ezisebenza ngokusebenza kahle kwamandla kagesi wezi-2025. Lolu wuhlelo olunamandla okuhloswe ngalo ukukhuthaza isizukulwane esilandelayo sompetha beSimo Sezulu.
Esingethwe Igatsha Lokunciphisa Ukuguquguquka Kwesimo Sezulu, umncintiswano walo nyaka uphonsela inselelo abafundi ukuba baklame futhi bakhe imodeli, besebenzisa izinto ezigaywe kabusha ezibonisa izimiso zokwakha eziluhlaza nokuphila okusimeme. Ngokuholwa ngothisha noma kubazali, abafundi bazokwethula imiklamo yabo emisha kwithimba lamajaji, baqhudelana ngo-R60 000 wemiklomelo yokonga ugesi.
IPhini likaMqondisi eMnyangweni weClimate Change, uDkt. Luyanda Mafumbu, uthe lo mqhudelwano umayelana nokuhlomisa abantu abasha ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekongiweni kukagesi nasekunakekeleni imvelo. Izikole ziphinde zigqugquzelwe ukuthi zisebenzise izindlela zokonga ugesi ezifana nalezi:
· Ukunciphisa ukusetshenziswa kukagesi
· Ukukhuthaza imithombo yamandla avuselelekayo
· Ukuthuthukisa ukukhanya kwemvelo kanye nokungena komoya
· Ukwenza ucwaningo lwamandla
· Ukuhlanganisa imfundo yokuguquguquka kwesimo sezulu ohlelweni lwezifundo
USindile Buthelezi oyi-Energy Efficiency Manager ugcizelele ukubaluleka kwemfundo yalo mncintiswano. “Sifuna izikole zikhombise ubuhlakani bazo nokuzibophezela ekusimameni. Leli yithuba lokwenza umthelela wangempela ngesikhathi sifunda amakhono abalulekile.” Izikole eziwinile zizothola imishini ewonga ugesi, izitifiketi zokuqashelwa, kanye namathuba okuqeqeshwa mayelana nokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokusimama kwabafundi nothisha abakhethiwe.
Umncintiswano uvuliwe; imingenelo kumele ithunyelwe ungakadluli zingama-20 Agasti 2025. Izikole zingadawuniloda amafomu okungenela kanye nemihlahlandlela yokuncintisana kusizindalwazi sikaMasipala: www.durban.gov.za.

