Uziqalele amabhizinisi akhe ukuze axoshe ikati eziko owesifazane osamncane

ONGEZIWE NTONDINI

UThembeka Mkhize (28)  owafunda eSphephele Secondary school useshintshe impilo yakhe ngokuba usomabhizinisi ozimele ngemuva kokungawutholi umsebenzi, unebhizinisi lokucwala izinzipho kanye nezinwele abuye abenebhizinisi lokukhulisa nokudayisa lonke uhlobo lweziNkukhu (izimpangele,ezibomvu,ezimnyama kanye nezimhlophe) endaweni yase Mbumbulu abuye abenendawo adayisela kuyona eFolweni engaphansi kweNkampani yakhe ebizwa ngokuthi Ivovo Elincane .

“Ngaba nentshisekelo kwezolimo ngabona into eyisidingo emphakathini engihlala  kuwona ngoba namanje ngesekwa ibona nabahlala beseduze kwami”kusho uThembeka. Ubuye wavula amathuba omsebenzi kubantu abawu-5 kuwona omabili amabhizinisi akhe okwamanje ubuye asebenzisane kanye  nabadayisi abasafufusa abathatha ngesamba izinkukhu zakhe azidayisayo bese bayozidayisela umphakathi wangakubo nasemakhaya.

“Ngifisa ukuthi eminyakeni ezayo ngibe senginendawo yami,hhayi engiyiqashisiwe kuyona  ngoba ingimpintshile kanti isifiso sami ukuba nendawo enkulu ngoba inqobo nje ukuba nalo lonke uhlobo lwemfuyo njengeziNkomo,izimbuzi kanye nokunye okufunywayo, ngikhule ngivele nginothando kwezolimo kwazise ngiqhamuka emndenini ohlwempu,  ekhaya sikhule sidla izithelo nemifino ezitholakala egcekeni ngagqugquzeleka,izaqathi,imifino nokunye”. esho

Ukhala ngokuthi ubhekene nezinqinamba zokuthi angabinayo indawo okungeyakhe ,izinselelo zemali, izifo ezihlasela impilo yezinkukhu ngoba ziyagoma ,ukunyuka kwamanani okudla kwezinkukhu . Izindleko zokudla uzigwema ngokuthenga amagqongo amakhulu noma eshesha ukuphela ngoba isibalo sezinkukhu siyanda njalo.

“Bengithanda ukusho ukuthi  onesifiso sokuqala ibhizinisi lokudayisa izinkukhu ezimhlophe esezikhulile Ngikhona njengo supplier. Ama bulk aqala ezinkukhwini ezingu (11)kuye  nangesibalo ofuna ukusithenga .Mawufisa ukuzwa ngenani ungaxhumana naye kulenamba: 069 385 9213” ubuye wanxusa nosomabhizinisi abadayisa ama Chicken Dust ngenkukhu esezicuthiwe .Udlulise ukubonga okukhulu kuMphakathi wangakubo ukumeseka ukuze afike la akhona manje ubonge uxhaso lwabo wathi “izandla zidlula ikhanda”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *