Inhlangano  Unity in Christ Pastors Fraternal iqhuba umsebenzi wokuthuthukisa umphakathi waseMajuba

SHEILA MHLONGO

Inhlangano yabefundisi Ingqungquthela Pastors Organization ibihambele Umzinyathi  ngohlelo lokutshala ngendlela kankulunkulu.

Uhlelo lokufundisa umphakathi indlela elula yokutshala ngendlela kankulunkulu ube enkulu impumelelo njengoba loluqeqesho belusendaweni Yase Escourt, Esikoleni – Emahhashini Primary School.

Abebehambele Loluhlelo beholwa u Dr Bishop Dlamini beku ngusihlalo wayo Inhlangano u Chief Bishop M. T Ntshayintshayi kanye nethimba labefundisi bayo Inhlangano, Izethameli zaloluhlelo be kungu Mphakathi, Ama Stakeholders nabavela emnyangweni wezolimo.

Umphakathi uyithande kakhulu indlela entsha yokutshala ngendlela kankulunkulu, uDr Dlamini ube segqugquzela umphakathi ukuba bangavumeli indlala emphakathini kanye nasemakhaya abo kodwa mabasebenzise izandla ukuze bengalambi bebe bebusisekile ngempilo.

Loluhlelo belungolwesithathu, 12 January 2025.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *