Ngiyazi kubuhlungu kule stage okuso

Ngiyazi akukho lula kepha uzophumelela awenze nje lezinhlamba abakuthuka ngazo, lokuhlekwa , ukuhletshwa nokugxekwa kusebenzise.  Uma ngithi kusebenzise , ungazijijeli lezizimbokodo zezinhlamba abakuthuka ngazo kubo.  Kepha akha ngazo isitebhisi sokukhuphukela kwi success yakho.

Uma uzobabhizi nokubuyisela lezozinhlamba zezimbokodo kubo angeke uyendawo. Kunalokho uzolokhu ugxile la ukhona uze ungafiki la kumele ufike khona. Thatha zonke lezozimbokodo ungazibuyiseli kubo kepha akha isitebhisi esizokukhuphulela kwi success. Khumbula bona bebekujikijela ngoba besakybona eduze kepha uma usunyukele phezulu kubanzima kubo. Imbokodo awukwazi ukuyiphosa ifike phezulu kepha kuba lula uphezulu bese uyiphosa phansi. Ngithi kuwe njengoba uyobe usuphezulu akulula izimbokodo zabo zifinyelele kuwe.

Angithi phela seziyabesinda , kanjalo nabo sebezoqala behlekwe abantu ukuthi lomuntu enithi niyamjikijela anisamtholi. Into ezokwenza lokho ukuthi , uma usuphumelele ngisho sebethi bayaqhubeka nokukukhuluma kabi , nokukuhleba , nokukugxeka bazogcina sebephenduke izilima. Abantu uma uhleba ngomuntu osephumelele kunawe babuka wena njengesilima.  Isizathu – akukho onakho kunalomuntu omgxekayo/omhlekayo.

Brian Smile The Motivational Speaker and a life coach

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *