Sanibonani bantu bakithi . Sizwe Sakithi niqaphele singene enyangeni evame ukusetshenziswa kakhulu ngamaqola ezinkonzweni ngoba kuyinyanga yesishiyagalolunye okuyisibalo sokukhululeka kowesifazane obekhulelwe .
Avamile ke amaqola abefundisi ukushumayeza abantu amanga athi bebekhulelwe izinto zikamoya bazokhululeka kuyo lenyanga bese bebafuna imali . Webantu bakithi ayikho into ozokhulelwa yona yakwamoya uma wazalwa unesiphiwo unaso sikuwe . Kanti futhi impumelelo kulomhlaba iyasetshenzelwa ayikhulelwa . Vukani emaqandeni ungathathi imali yakho unikeze umfundisi ekudayisela ithemba lamampunge ethi ukhulelwe uzokhululeka . Impumelelo iyasetshenzelwa
Obhalayo uKatlego Nare

