Ungabi nezinkinga uze uphenduke inkinga wena uqobo.

Kunomuntu onezinkinga yes but agcime eseyinkimga yena uqobo. Kunomuntu obhekene nenkinga yokuthi akasebenzi bese egcina esebamba inkunzi. Lowomuntu useyinkinga esedlulile esigabeni sokuba nenkinga. Kunomuntu ohlukumezeke kwi relationship akuyo bese ezonda labo ama relationships abo ahamba kahle.

Kunomuntu ongawutholi umsebenzi aze agcine esezonda abavukayo baye ematohweni. Ungabi nezinkinga ugcine usuyinkinga. Kunomuntu ongenakudla yes endlini,  uma ecela kuwe once wathi awunakho useyokusho ngenhlamba aze akushwabulele , useyinkinga lapho. Akasenayo inkinga nje yodwa.

Kunomuntu owaba nenkinga yokungasithandi isikole kepha wagcina esefaka umoya omubi labo abasithandayo isikole. Ungabi nezinkinga uze ugcine usuyinkinga.

Brian Smile The Motivational Speaker and a life coach.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *