SHEILA MHLONGO
Ngidabuka eShowe esigodini saseSamungu kodwa ngiseThekwini Chatsworth Welbedacht West. Ngingumuntu osemusha,onokukhubazeka ohamba nge Wheelchair, onothando lokusiza abantu, okwamanje angisebenzi kodwa nginawo ama Work Experience ahlukene.
Ngengoba ngisabheka amathuba omsebenzi kolunye uhlangothi ngigxile kakhulu kwithalente la lokulingisa ( Acting industry). Ngifisa uyeka ukuvumela amahloni ngoba kugcina into engiyenzayo ingenzeki ngedlela ebengifisa ngayo. Engikufisayo ukuzibona ngilingisa kuma Production amakhulu akhokhelayo,ngiphinde ngizibone ngi on Set nabantu abafana no Thandeka Dawn owayedlala indawo kaMaNgcobo kuZalo,Rebecca Mabuza odlala kwiSitha The Enemy,Lucy odlala kwi Generation, kanye no Dintle Nyathi odlala kwi Scandal.
Yibona abantu engibukela kubo ibanga abalihambile kulomkhakha engikuwo,nemvelaphi yabo yokulwa nempumelelo nokushitsha isimo sekhaya abakhulele kulo. Izihlelo engizifisayo kulonyaka: Ukuwuqonda kahle lomkhakha engikuwo, Ukuzimaketha ngezidlela eziningi ezahlukene kuma Social media, Nokuthola amathuba kuma film adumile kanti angifisi kuphele lonyaka ngingakazengithole amaPlay Role kuma film adumile. Ngifisa ukuzibona ngisebenza neMBUMBA AGENCY, BECKY CASTING, ne BLACK BRAIN PRODUCTION kabhuti uMandla N.
Izifundo engizifundile ngonyaka odlule 2024 ukuthi, Ukungenzi into ngoba ngibona abanye abantu beyenza, nokushesha ngilahle ithemba entweni enenzuzo. Nokungazinikeli kunkulunkulu nokukhuleka ngeqiniso kungathi ngenzela omunye muntu ngibe ngifuna impumelelo yami. Okungalindelwa abalandeli bami. Ukungibona kumabona ku tv kuziqephu ezahlukahlukene,ngidlala indawo ekuthazayo nengizichaza kabanzi ngomumina (Personally) njengomuntu onokukhubazeka nophokophelela nozithembayo njengomuntu wesifazane osemusha ngokukhula. Ziyatholakala iziqephu ‘ngidlala kuzo kuYouTube naku ma Social Media ngokungena ngamaLink naku 1KZN TV CHANNEL 261. Izihloko zeziqephu engidlala kuzo. (A)Isondo (The Wheel) role name: Dudu. (B) Sad Generation Part 1 role name: Lindiwe. (C) Intombi Yomhlanga Part 3, role name: mzala kaNqo. (D). Amanzi’mnyama part 2, role name: Nqondi.
Ngiyatholakala, Calls: 073 641 99 08. Whatsapp: 064 625 27 30. Email address: mbalimdletshe900810@gmail.com. Facebook: mbally Mdletshe ( Divawosaziwayo). Tik Tok: @Divakazi1. Instagram: Mdletshe _mbali. .

