THOBILE MBATHA
Azobe esina ededelana amaciko koweKZN-Namuhla Artists Awards njengoba sekuze kwafika emaphethelweni ukwamkela amavoti amaCiko ngaphandle kwezihibe.
UMhleli wephephandaba uNksz Sheila Mhlongo uthi uthanda ukubonga wonke amaCiko ngomsebenzi wawo omuhle wokubambisana naleliphephandaba, waphinde wabonga ngisho nabo abalandeli abenze umsebenzi oncomekayo wokuvotela amaCiko abo.
UMhleli uzwakalise ukuthi kumjabulise kakhulu ukubona amanye amaCiko ezimisela ngokukhankasela ukuvotela abalandeli bawo, ngempumelelo, waphinde wathi uyethemba ukuthi abakwenze kulonyaka basayophinde bakwenze nangonyaka ozayo.
Khona manjalo uMhleli uzwakalise ukuthi ngosuku lokuklonyeliswa kwaMaciko kuyobe kukhona naMakhosi okuyinto ekhombisayo ukuthi lomcimbi ukhula unyaka nonyaka yize usashoda ngabaxhasi(sponsors) kodwa unethemba lokuthi kuyoze kulunge. Niyamenywa ukuba kanye nathi ngoMgqibelo womhlaka 06 September, eBat Centre, Habour eThekwini. AmaCiko ayakhuthazwa ukuthi ameme abalandeli ukuthi bahlanganyele kanye nawo emcimbini wokuklonyeliswa kwawo. Kanti imali yokungena uR150 VIP kanti R100 General emnyango.
UMhleli wephephandaba uzwakalise ukuthi kulomcimbi wokuklonyeliwa kwamaCiko wonke Amaciko avotelwe kakhulu azozibeka ethubeni lokuthola umklomelo ozokwenza kube lula ukuzobungaza kanye nathi emcimbini ngoba baklonyeliswa ngaphambi kokuthi bafike emcimbi nokubukeke kusebenza kahle nabo kubasiza ekubhekaneni nezindleko zokusuka ezindaweni abakuzo beze eDolobheni iTheku nokuwumcimbi okubukeka wakha umnotho nakosomabhizinisi baseThekwini ngoba kunamaciko agibela ama-Flight from Cape Town amanye ayabhukha izindawo zokulala okuyinto encomekayo.
Ukwazi kabanzi mayelana nemininigwane yomcimbi weKZN Namuhla Artists Awards ungafonela enombolweni yasehhovisi:069 349 4717 acele uSbu noma uThobile kanti angashiya umyalezo enombolweni kaWhatsApp: 079 467 9297 .

