OWAMI THABETHE
Njengoba umhlaba wonke ububungaza abantu abaphila ngokukhubazeka jikelele, iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba wamukele umnikelo we-beach sand cruiser wheelchair egameni likaMasipala weTheku. Lo mnikelo wenziwa umndeni wakwaSmith indodana yawo, uReece, ene-quadriplegic futhi ethanda ukubhukuda olwandle.
Isihlalo sabakhubazekile senziwe ngokukhethekile ngezinto eziqinile ezizosetshenziswa esihlabathini nasolwandle.
IMeya iwuncomile umusa womndeni waka Smith.
“Lo mnikelo uzohamba ibanga elide ukuqinisekisa ukuthi abantu abakhubazekile bayafinyelela ebhishi. Umusa womndeni wakwaSmith uyisibonelo esihle salokho okungafezwa lapho izakhamuzi nabanye ababambiqhaza besebenza ndawonye ukuze kuthuthukiswe umphakathi. IDolobha lizibophezele ekuthengeni ezinye zalezi zihlalo ezinamasondo ukuze kufinyeleleke kalula kuwo wonke amabhishi ethu,” kusho iMeya uXaba.
UReece Smith onenhliziyo enkulu engahambisani nokukhubazeka kwakhe uthe: “Ngaqaphela ukuthi baningi abantu abangakwazi ukungena olwandle futhi bajabulele ukuntweza kanye nemindeni yabo. Ngesikhathi sithola lesi sihlalo esinamasondo esikhethekile iSand Cruiser, sinqume ukunikela ngaso ku Masipala ukuze sisetshenziswe e-Amanzimtoti Beach ukuze nabanye bajabulele ulwandle.”