Ngomhlaka-2 November 2025, uMfundisi RB Dlamini we-UCCSA, uvule indlu yeSonto eqanjwe ngoMfundisii Daniel Lindley eNanda. Lo Mfundisi ngomunye wabangu-6 abasuka eMelika ngoDisemba 1834 ngenhloso yokuletha inkolo yobuKhristu esizweni sikaZulu kusabusa iSilo uDingane. Esefikile ezweni lakwaZulu uMfundisi Daniel Lindley wavula iMishini eMzinyathi. Wabuye wanyukela ngenhla kwaseMzinyathi . Ngo-1847 wasungula iNanda Mishini. Le Mishini seyakhiqiza abaholi bezombusazwe abaningi okubalwa kubona uDokotela John Langalibalele Dube, Pixley kaSeme nabanye abaningi.
UMfu. Lindley wakha indlu yeSonto ekanye namalunga omphakathi sebe bonke abakha indlu yeSonto babengu-9 uMfu. RB Dlamini nguyena osephethe iNanda Mishini eyasungulwa uMfu.DL indlu yeSonto seyaphinda yakhiwa yankulu kabusha nguMfu. RB Dlamini. UMfu. Lindley wakha isikole iNanda Girls Seminary yodumo. Lesi isikole sesakhiqiza abaholi besifazane abaningi kakhulu abase phalamende. Phakathi kwabaholi abafunda eNanda Seminary kubalwa uPhumzile Mlambo-Ngcuka, Baleka Mbethe nabanye abaningi. Umsebenzi owenziwe uMfu. RB Dlami uyancomeka kakhulu ukuba ahole ekwakheni indlu yeSonto ebizwa ngoMfu. Daniel Lindley. LoMfu. wafika esemusha ezosebezela amaZulu wahlala eNanda Mishini wabuyela eMelika esekhulile kakhulu ngo-1873. Amandla obusha wawasebenzisa ukuthuthukisa isizwe sikaZulu. Isikhumbuzo sikaMfu. Daniel Lindley kumele ngabe kade senziwa ezweni likaZulu ngoba mkhulu umsebenzi awuqalayo futhi usaqhubeka, phakathi kwababehamba naye kwabe kunomZulu owayesemusha owakhuliswa ngabeFundisi ngoba eyintandane. Igama laleyo nsizwa kwabe kunguPhathani George Champion .
Ngaphandle kwendlu eqanjwe ngoMfu. Lindley kunendlu evulwe khona izolo eNanda Mishini nguMfu. RB Dlamini. Lendlu iqanjwe ngo Phakathi George Champion owabuya noMfu. George Champion ngo-1837 sekubulawe unina elalele intshumayelo kaMfu. George Champion wamthatha umntwana wahlala naye eNginani Mishini. Leyo yiMishini yokuqala eyakhiwa inhlangano i-American Board Commissioner of for Foreign Missions (ABCFM) eseyabizwa nge-UCCSA ngaphesheya koThukela. Obhalile uGlory Asiyena Champion, 082 801 6774, preciouspearlchampion@gmail.com, Ungumbhali wencwadi, LAPHUMA ILANGA EMGUNGUNDLOVU, Inamba kaMfundisi RB Dlamini: 072 641 5144.

