SHEILA MHLONGO
Luyaqhubeka uhlelo lwama Learners Licence luyaqhubeka esigcemeni sase-Ward 32 esiholwa uKhansela V.N Sibeko. Uyaqhubeka nokubeka phambili abantu abasha baseMajuba District, uqale uhlelo lokulekelela abasha baku Ward 32 kanye namaphethelo.
Ube esenza okuhlukile ngokubambisana ne-Amajuba District Changemakers Youth Council ukuba nabangaveli kuWard 32 abalekelele uSibeko uthe uyafisa ukuba lusizo malanga onke emphakathini waku Ward 32 namaphethelo waphinde wanxusa abangalekelela ekuthuthukisweni kwentsha bevele njengoba enezinhlelo eziningi.
Namuhla abebefunda ku Phase: 1 Wama learners babuye nawo emva kwamaviki amathathu befunda, Ube eseveza kuthi izinhlelo eziningi azenzayo okwamanje zisuku ziholwa phambili i nhlangano i Sibeko Foundation ibambisene nophiko lwabasha i-Amajuba District Changemakers Youth Council umsebenzi woMphakathi uyaqhubeka.

